LIFUNA ukusebenzisa ukuqokwa kwalo kumaBET Award njengesitebhisi sokufinyelela kuwo wonke amakhona omhlaba iqembu legqom’ laseThekwini, iDistruction Boyz.
Iqembu elibunjwe nguThobani “Que” Mgobhozi noZipho “Goldmax” Mthembu, liqokwe emunxeni weBest International Act Award.
Liqhathwe nomrepha wakuleli uCassper Nyovest, abaculi baseNigeria uDavido noTiwa Savage, uFally Ipupa (DR Congo), Booba (France), Dadju (France), J Hus (UK), Niska (France), Stormzy (UK) noFtefflon Don (UK),
UQue uthe bajabulile ngokuqokwa.
“Besingazi ukuthi sigqamile emhlabeni jikelele. Sifuna ukusebenzisa lokhu ukuze umculo wethu ufike lapho singakwazi ukufika khona nathi siye lapho singakaze sicabange khona ngoba abantu bazobe sebesazi,” kusho uQue.
Uthe bafuna ukuqhubeka nokujabulisa ezinye izizwe njengoba sebeqalile ngokudlala kwamanye amazwe. Muva nje bebese-United Kingdom lapho kade benandisa khona eLondon naseBirmingham.
UQue uqhube wathi banalo ithemba lokubuya nayo indondo.
“Abantu bayawuthanda umculo wethu futhi sisanda kubuya nendondo emiklomelweni ebesiqokwe kuyo eNamibia (indondo yePan-African Artist of the Year kumaNamibian Annual Music Awards),” kuchaza uQue.
Uthe okwamanje ayikho ingoma abayiphushayo ekwi-albhamu yabo yokuqala iGqom is the Future kunalokho baphusha ekaDladla Mshunqisi ethi Pakisha abayenze naye.
Ngaphandle kwamaBET Awards iDistruction Boyz iqokwe kumaSouth African Music Awards azoba seSun City ngoJuni 2.
UQue uthe bakubheke ngabomvu ukuhlabana ngendondo yeRecord of the Year ngengoma ethi Omunye.
“Besifisa nokuqokwa kwiBest Duo or Group ngoba alikho iqembu elisebenze njengathi kodwa sijabulela lokhu esikutholile ngoba akukho esingakwenza,” kusho uQue.
Ukuvota uya ku-www.bet.com
Imiklomelo izokhonjiswa ngo-8 ebusuku ngoJuni 26 June.