ABANYE babalandeli bomculi uSimphiwe Dana bavumelana naye ngokuthi izwe kufanele libe nomengameli wesifazane.
USimphiwe, wodumo lwengoma ethi Ndiredi, ubhale ekhasini lakhe leTwitter ukuthi izwe lidinga umengameli wesifazane kodwa akaboni kuzokwenzeka kwi-ANC ngoba iphelelwe wushatini.
ULungie Chwama uthe uSimphiwe akushoyo kuyikhonae kodwa naye akaboni kwenzeka.
UMthura Khosi uthe uPhumzile Mlambo-Ngcuka kumele ngabe kade aba wumengameli “kodwa siyazi sonke kwenzekani”.
UPercival Giya uthe: “Khuluma okusemqondweni sisi wami, bangakusabisi ngemicimbi ukuthi ngeke uqashwe, vele abakwenzeli lutho.”
USimphiwe ubephawula ngemuva kokuthi iNhloko yamaJaji ebambile uRaymond Zondo ebize isithangami nabezindaba ezwakalisa ukungenami kwakhe ngencwadi kaNgqongqoshe wezokuVakasha uLindiwe Sisulu lapho ayegxeka khona amajaji.
Encwadini yakhe enesihloko esithi “Sanibona Mzansi, ngabe sesibubonile yini ubulungiswa?” wagxeka amajaji. Wathi uMthethosisekelo awusebenzeli abantu abantulayo futhi wagxeka nosopolitiki ngokuzicabangela kube kusokola abampofu.
UZondo wayigxeka incwadi kaSisulu wathi kumele athathelwe izinyathelo.
USimphiwe uthe indlela uSisulu aphethwe ngayo inendluzula.
Imbongi uNtsiki Mazwai nayo ithe isikulungele ukuba nomengameli wesifazane.