UBHUNTSHILE umcimbi womculi wowokholo uSfiso Ncwane, obekumele ube seMthwalume lapho azalelwa khona izolo nokuwusuka adlula ngalo emhlabeni.
U-Ayanda ongunkosikazi kaNcwane ukuqinisekisile ukubhuntsha kwalo mcimbi akhale ngokuthi kube nezinkinga kodwa wona usazoba khona. Ephawula mayelana nomculo omusha kaNcwana uthe uyathemba ukuthi abantu bazowamukela kahle njengoba uphume izolo.
Inkampani kaNcwane, iNcwane Communications idedele ingoma entsha ethi Hamba Nami Baba engenye yezingoma uNcwane ashiya eziqophile. Itholakala ezitolo zomculo ze-internet njengo-iTunes.
Ubonge abantu ngokumeseka nangemithandazo yabo. “Ngithole ukududuzeka ngokwazi ukuthi asisodwa kulokhu futhi indlela abantu abakuthathe ngayo ukushona komyeni wami kuyancomeka.”
Uthe namanje abakholwa ukuthi sekuphele unyaka uNcwane ashona. “Ngemuva kokulalela zonke izingoma azishiyela abalandeli bakhe, leli culo yilona esibone ukuthi likhuluma ngqo ngesimo esikuso njengamanje.”
Abantu izolo ezinkundleni zokuxhumana bebefaka imiyalezo yenduduzo ngokushona kukaNcwane.
USimphiwe Mzelemu, owayecula noNcwane iminyaka, uthe abantu kumele bamhloniphe ngokuthenga iculo lakhe elisha. Ufake isithombe uNcwane ehleli esiteji ephelelwe ngamandla kade ecula emcimbini wakhe wokugcina weThobela FM.
“Lolu suku aluzibeki ngoba yilapho wakhombisa ukuba buthaka ngemuva kokuthi sicule kwiThobela FM Gospel Festival futhi wahluleka esiteji. Phumula Gwamanda lala ngokuthula Cebekhulu.
Akekho owabona ukuthi ubuthaka bakho kungaholela ekuphumuleni
kwakho.”