WENZE okungajwayelekile uZodwa Wabantu njengoba eveze ukuthi isoka lakhe elincane asanda kucela umshado kulona lizobiza isibongo sakhe.
Isoka lakhe elinguNtobeko Linda usanda kulikhiphela ilobolo.
Ekhuluma kwiTshisaLIVE, uZodwa uthe akungoba engafuni ukubizwa ngesibongo sesoka lakhe kodwa yinto abebesayixoxa. Omunye umcabango abenawo uZodwa owokusebenzisa izibongo zabo bobabili.
"Asikakaluphothuli lolu daba kusengenzeka izinto zishintshe njengoba sisalungiselela umshado. Okwamanje ngingathi uzobizwa ngesibongo sami uma ethanda noma kube yimina obizwa ngesakhe noma ngisengeze kwesami kodwa lokho akubalulekile njengamanje ngaphandle kokuthi siyashada. Abantu kuzomele bakwemukele ukuthi asizokwenza izinto ngendlela ababona ngayo kodwa senza ngendlela yethu," kusho uZodwa.
View this post on Instagram
I just love being Normal with my Free time & making us Happy😊 😄
A post shared by zodwalibram(@zodwalibram) on May 20, 2019 at 12:51am PDT
Uthe akukho okumkhathazayo ngokushiwo abantu ngothando lwabo. Uveze ukuthi izinto zishintshile kakhulu manje kuyena. Uphinde waveza ukuthi ubesezidelile ukuthi ngeke esashada ngoba ubezitshela ayikho indoda engamelana naye ngendlela aphila ngayo.
"Phambilini bengingazitsheli nokuthi kukhona indoda engacela ukuzikhipha nami ngenhloso yokuthi sichithe isikhathi eside sindawonye. Ngiyazazi ngiwubani futhi ambalwa amadoda angamelana nesimo sami. Yize kunjalo anginandaba nokuthi abantu bacabangani ngami ngoba kuningi okubalulekile okumele ngikwenze. Kumanje nginendodana okumele ngenze isiqiniseko sokuthi ikusasa layo liqhakazile," kuqhuba uZodwa.