Ezokungcebeleka

Indlovukazi yezobuciko izohlonipha abesifazane abavelele

CHARLES KHUZWAYO|Published

Indlovukazi yezobuciko izohlonipha abesifazane abavelele UDKT Gcina Mhlophe uzohlonipha abesifazane abavelel njengoba kugujwa i-International Women's Day e-ABM Rooftop eThekwini ngoMgqibelo

Image: SIGCINIWE

Le ndumezulu yomcimbi izokuba e-ABM Roof Top, ku-77 Monty Naicker Road eThekwini ngo-3 ntambama. UDkt Mhlophe odabuka eHammarsdale, uthe umcimbi ungeminye engaconsi phansi kuye onyakeni.

"Sisuke sibungaza abantu abenza izinto ezinomthelela omuhle emphakathini ngendlela yokubaqhakambisa ngokubakhanyisa ngesibani ezweni lokhokho bethu," kuchaza uMhlophe.

Uthe akazogcina ngabaphilayo kodwa uzobuye athulele isigqoko abesifazane asebashona kepha ababamba elikhulu iqhaza emzabalazweni wenkululeko yakuleli.

Kulawo maqhawekazi ubale umculi owaba yingqalabutho uMiriam Makeba, nowayeyisishoshovu somzabalazo futhi engunkosikazi yowayengumengameli we-ANC, uNkk Adelaide Tambo.

"Sihlale sinabaholi bezenkolo okuyibo abasibusisa ngomkhuleko. UMvelinqangi uyena osikhanyisela kukho konke esikwenzayo siyiGcinamasiko Arts & Heritage." 

UDkt Mhlophe uhlonishwe ngeziqu zobudokotela emkhakheni wePhilosophy in Visual and Performing Arts yiDurban University of Technology nyakenye ngenxa yomsebenzi omuhle weminyaka ebhala futhi ehaya izinkondlo, izincwadi, imidlalo yeshashalazi nokuba ngumgqugquzeli wezamasiko ezweni nasemhlabeni  jikelele.

Le ngwazi inesikhungo esifundisa amakhono okubhala iGcinamasiko Arts and Heritage Trust. .Lo qolothakamango waziwa ngomdlalo wakhe othi Have you seen Zandile? futhi usumhambise amadolobha omhlaba anjenge-Edinburgh, London, Basel, Zurich, Chicago, neTennessee.

Usuqale umkhankaso wokushicilela  izincwadi zawo ngendlela efundwa ngabantu abangaboni emehlweni i-braile, kanti ezinye seziqoshwa zibe ngama-vidiyo ukuze nabantu abakhuluma ngolimi lwezandla bazithokozele. Wethule incwadi yami ethi Nozincwadi, Mother of Books, ngo-2023 , eqoshelwe ukuba ifundwe abakhuluma ngezandla, njengoba baqale bayikhipha nge-braile ngo-2021.

UMAKADEBONA kwezokuxoxwa kwezinganekwane futhi ongumlingisi ohlonishwayo kuleli nasemazweni angaphandle, uDkt Nokugcina Elsie "Gcina" Mhlophe, uzohlonipha abesifazane abavelele emikhakheni ehlukene ngoba ngoMgqibelo kugujwa i-International Women's Day.