Mhleli: Ngicela ukuncoma amagalelo kadadewethu uDistance Gumede waseLawini LikaMaGumede.
Yazi, usisi lo, usenze ukuthi umuntu waba nesibindi sokucela lokho akudingayo uma kweqiwa iziko.
Ngokufunda ingosi yakhe njalo lapha ephepheni umuntu uyalapheka njengoba sibona kusizwa abantu abanezinkinga ezihlukahlukene.
Ngithi qhubeka njalo wena kaQwabe, imizi eminingi imile ngenxa yakho.
Ungabanaki laba abakhala kakhulu ngokuqoshama kolwimi benziswa ukwenyanya ulwimi lwabo ngoba la magama abathi ayinhlamba bawasebenzisa nsuku zonke esilungwini.
Sindisiwe Malunga
EMBO