Mhleli: Kwelakho elingashayi eceleni ngicela ukubeka owami umbono ngesiqeshana sendaba ekhulunywe uDlubheke eyibhekise kuTshatha ekhasini lesibili ephephen Isolezwe ngoMgqibelo.
UDlubheke ukhuluma lezi zinkulumo nje phambili kunengoma yakhe ayikhipha etshela uTshatha kwezikabhoqo. Mfo kaKhuzwayo asikhulisane.
Lokhu okwenzayo kubi kanti nasemculweni wakho uhlale unabantu obathukayo.
Ngize ngizibuze ukuthi izwe lonke lizonda wena ngoba wenzeni wena wedwa?
Bonke abantu bayakusukela? Angixabene nawe Mnguni kodwa ngizama ukukuvula amehlo ngale nto ngoba vele siyakuqonda sonke ukuth iso lixhoshwa libhekile.
Kanti alukho olusina luzibuke. Yehlisa umoya nje mfowethu ucule. Uma singakashayi isikhathi sakho sokuduma soze siiyfike, hhayi ngenkani. Ungathuki bonke abantu emculweni. Kuyadida ukuthi uTshatha uthwale liphi icala kuwe ngoba akasakazi umaskandi. Asiyibhasobhe into ebulala ikusasa.
Siphamandla Magwaza
ESHOWE