MHLELI: Ngithi ake ngicebise la madoda amabili Igcokama Elisha noKhuzani “Indlamlenze” Mpungose. La madoda kufanele ake ahlale phansi nezinduna zawo azifundise indlela okumele ziziphathe ngayo ezinkundleni zokuxhumana.
Izinduna zala madoda yizo kanye eziphehla udlame. Akufanele-ke ngoba bayizinduna. Kwesinye isikhathi bona le nto bayithatha ngokudlala bakhohlwe ukuthi bayizinduna. Kufanele kube yibo abenza into eqondile.
Yinduna yaMagez’amahle ongeke uyizwe itshala impi. Ngiyazi Igcokama neNdlamlenze bazoyithatha kancane le nkulumo yami kodwa fanele bazi ukuthi bathandwa kanjani. Ngingathokoza uma inkulumo yami ingafika nakubona. Uke uthole induna igxeka umculi kusukela ekuseni ikhuluma amagama angemahle. Yizinduna eziphehla udlame.
Buzokwakhe Mbatha
eMelmoth