MHLELI: Kwelakho engilikhonzile ngivumele ngibeke umbono wami ngalo msakazi wodumo. Omunye wezinkulumo ezakhayo wake wathi ngeke uyiwine impi emsebenzini uma ungazwani nomphathi wakho ngoba angakuxosha noma akucekele phansi. Ngiqondeni ngalo musho na? UNgizwe Mchunu angaba nezitha azenzela zona endimeni kamaskandi nezinye azithola ngoba enesigcwagcwa kodwa iqiniso linye. UNgizwe unekhono lokusakaza umaskandi nezinye izinhlelo ikakhulukazi ezokufundisa.
Ukufundisa kusegazini lalo msakazi futhi nekhono lakhe lokusakaza likhulu. Kodwa-ke sewavele walahlelwa ebusuku abantu abaningi belele ukucindezela ikhono lakhe ukuze lingabonakali. USbu Buthelezi umsakazi owethula izinkumulo ezakhayo futhi ungusomabhizinisi, uNgizwe angenza kangcono kunaye kulolo hlelo lwasemini. Into engingayisho ukuthi noma enamaphutha akhe uNgizwe kodwa asingavumeli ukuthi lokho kugqibe ikhono lakhe lokusakaza.
Abaphathi abahlale naye phansi bambonise bamlungise bese bemnikeza ithuba naye kwezinye izinhlelo. Iqiniso ukuthi uZim Dollar noTshatha noNgizwe bahamba phambili ngokusakaza umaskandi. Yebo noBK naye wangena wenza kahle kodwa uNgizwe uyadingeka naye. Siyacela kubaphathi ukuthi uma wayethole isigwebo sentambo anikwe ushwele phela sekwanele ukuze afunde emaphutheni akhe.
Thabekhulu sicela ube ubaba uMacingwane abe yindodana yolahleko.
Sibusiso Pat Zikalala
eGermiston