MHLELI: Ngicela nezintatheli ikakhulukazi lezi ezibhala ngomculo wesintu ke zisukume nazo zisizwele kahle la kuKhozi FM ngoba kuyacaca ukuthi kunenkinga enkulu ngokudlalwa komculo. Ngisuke ngimangale uma kuthiwa i-albhamu ithathe amasonto amane kwaya kwayisithupha ukuba ilalelwe ngaphambili kokuba idlalwe emoyeni - okubukeka kungelona iqiniso.
Namanje ngisakhala nge-albhamu yeKolodo ethi Incithab’chopho ngoba kade yahanjiswa oKhozini kepha kuthuli. Silandelele konke. Inkinga ibalana-ke, abanye abaculi akupheli ngisho izinsuku ezintathu bekhiphile ubezwe sebedlalwa, ngabe mhlambe kuyakhokhwa? Tshelani izwe phela iqiniso nabaculi bazi ukuthi kuyadizwa ukuze badlalwe emoyeni kuKhozi FM. Singabalandeli beKolodo sesithanda ukuhluthukelwa zinhliziyo ngoKhozi ngenxa yokuthi iqiniso kalikho.
Abaculi abaphathwe ngendlela eyiyona bese umphakathi uzikhethela wona. Siyacela nakinina zintatheli zamaphepha ake niyisukumele le yoKhozi FM nokudlalwa komculo. Leli komiti ake lisichazele kahle ukuthi abanjani abalalelwa izinsuku ezimbili noma olulodwa bese bengena emoyeni? UKhozi alube neqiniso njengomsakazo omkhulu. UVezuthando kaVezuthando akadlalwa oKhozini kodwa kunabaculi okungeke kwaphela izinsuku ezintathu bengadlalwanga. Abafana abadlalwa, kungani baphathi boKhozi? Kungani amaciko akithi eMnambithi niwanyathela ngezinyawo? Kungani ngempela izingane zizama impilo nina nizilambise sibe sethembele kinina njengomsakazo omkhulu ukuba nizifukule. Akube neqiniso, abadedelwe laba nabo babhekane nezinye izinsizwa.
Mpha Omnyama Shabalala
eMnambithi