MHLELI: Kunezingoma ezidlalwa njalo ngoMgqibelo ohlelweni iSigiya Ngengoma kuKhozi FM uma kodwa uthi uyabuka ukuthi kungani kuphindwaphindwa le ngoma ungayitholi impendulo yalokho.
Iyezwakala phela ingoma efanele ukuphindwaphindwa. Kukhona abaculi abangakaze balithole ithuba lokudlalwa nje emsakazweni kodwa kube kukhona abaphindwabaphindwayo. Akunikwe wonke umculi ithuba yisifiso sami leso. Okunye kuphinde kube yindlela okusakazwa ngayo ingoma uma idlalwa emoyeni akufani.
Kukhona ezisakazwa ngokuchema kube khona esakazwa nje ngendlela eyehlukile. Sizokhuluma singabalaleli bo msakazo ngeke sithule konakala. Sinalo ilungelo lalokho, uma futhi kufanele sincome siyoncoma sinalo ilungelo lalokho.
Buzokwakhe Mbatha
eMthonjaneni