Mhleli: Kwelakho elingashayi neze eceleni, ngithi ake ngibeke nami owami umbono ngendaba yale ngoma kaVusi Nova esisuse umsindo kubathandi bakamaskandi namaciko kamaskandi ethi Asiphelelanga’lapho ebala khona amaciko angasekho.
Sengathi sesikhalela nento engekho-ke manje ngoba noma angawabala lawo maciko nizophinde futhi nina nithi umshiyelani ubani, iqhawe lami alikho.
Uma singabhekana
neqiniso nje ngqo kwawona amaciko kamaskandi ake acule ebiza asadlula ambalwa nakhona, angawabizi amanye ohlobo lomculo oluhlukile kumaskandi. Nake nabezwa bekhala? Nina nikhalelani? Sengathi sekukhona nokudlula nje la kini ukuthanda uhamba ukhala.
Nitshelwa kahle impela ngoba nitshelwa yimi ngiwumthandi kamaskandi futhi oziqhenyanyo ngawo.
Niyabona yini ukuthi abaculi senifuna ukubabhalela izingoma abazozicula?
Naye uVusi bekungamele aze atatazele aze athi usezoyicula kabusha esefake uMthandeni, bekumele aniyeke nje nikhulume. Angithi namanje njengoba sekungene uMthandeni nisaklwebhana futhi nina ezinkundleni zokuxhumana, kanti nifunani?
Asikhuleni bafowethu, singazenzi abantu abangacabangi kahle emakhanda. Yekani amaciko acule, uma ungawuthandi umculo walo liyeke ungawuthengi bayowuthenga abawufunayo. Nithatha umqondo weqhawe lami niza nawo nakubantu abaculela izwe hhayi abalandeli babo njengoba nenza kumaskandi. Asikhuleni inhliziyo yomuntu idle ekuthandayo.
Mpha Omnyama Shabalala
eMnambithi