Mhleli: Ngikhathazwe wudaba lukanontandakubukwa owaziwa ngokuthi nguZodwa Wabantu lapho ekubeke kwacaca ukuthi uzokhipha abakhongi bayolobola insizwa okuthiwa nguNtobeko Linda.
Ukubeke ngokusobala ukuthi nakuba mhlawumbe bekhona abangahambisani nesenzo sakhe sokuthi athi engumuntu wesifazane kodwa athathe isinqumo sokuzenza indoda ngokuyolobola umfana.
Njengoba ethi uziqalela awakhe amasiko angahambisani nawesintu nokwenkolo, ukuthi kuba yindoda elobolayo hhayi owesifazane.
Ngifisa ukucaphuna encwadini ka-Isaya 24:4 lapho ithi khona umhlaba uyakhala uyabuna izwe lidangele nabaziqhenyayo bomhlaba badangele, izwe lingcolile lingcoliswe ngabahamba kulona ngoba basiphendulile isimo esime njalo.
Ngiphinde ngicaphune eka-1 Petru 5:8 Qondani nilinde ngoba uSathane oyisitha kini uyahamba hamba njengengonyama ebhodlayo, efuna engabadla. Mphikeni nime niqine ngokukholwa. Ngicaphune neka-2 Timothy 3:1 Kepha yazi lokhu ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika isikhathi sokuhlupheka ngokuba abantu bayawukuba ngabazithandayo, abafisa imali nabangalaleli abazali babo.
Ngifisa ukusho ukuthi uZodwa uyihlazo esizweni sonke sabantu baseNingizimu Afrika.
Uyihlazo emndenini wakhe, uyihlazo ngisho enganeni yakhe ayizele. Ngisho nakubazali bakhe lapho bekhona noma basaphila noma sebalala kobandayo, bayadumala ngezenzo zakhe zobusathane.
Uqale wenza amanyala okuhamba esantuza edunusela izwe, izingane nabantu abadala njengoba umzimba uyithempeli likaNkulunkulu elidinga ukuphathwa kahle, ungahambi uzeneka nje ungumuntu wesifazane.
Ngiyafisa ngisho umndeni wakwaLinda sengathi ubungewamukele la malobolo kaZodwa njengoba nawo uzozithela ngesiqalekiso ngokwemukela imali yomuntu oyihlazo ezweni.
Bangathatheki ngenxa yemali etholakale kabi kangaka, njengoba esho ukuthi uyithola kanjani. Incwadi ka-1 Timothy 6:10 ithi: “Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi. Abanye ngokuyifisa bahlubukile ekukholweni bazigwaza ngezinsizi eziningi.”
Ngikhuluma nje usanda kuveza ukuthi uzithengele ibhokisi ayofihlwa ngalo mhlazane eseshonile. Nako lokho kuyichilo namanyala.
Ngiyafisa ukuthi amakholwa asukume ame ngezinyawo zombili, ayikhahlele le nto kaZodwa ngoba izokwandisa ububi namanyala esizweni sabantu.
Ngiyamdabukela lo mfana wakwa Linda, athi ebukeka eyinsizwa enhle kangaka azithele ngehlazo lokuyothandana nesalukazi esesishiywe yisikhathi sokugana ontanga baso ebese sibamba abantwana abancane kangaka.
Naye uyazisho uZodwa ukuthi useyisalukazi manjeke angimazi uyifunani ingane.
Angazi ukuthi yena uZodwa angakujabulela yini uma kungaqhamuka esinye isalukazi esinemali njengaye sizolobola ingane yakhe siqhoshe ngokuthi sinemali. Ngidumele impela ngechilo elenzeka ezweni lakithi.
Thulani Gama
HILLBROW