UMA ujwayele ukulalela umsakazi oyedwa isikhathi esiningi kunezinto ovele uziqaphele ngaye.
Ngike ngaba nethuba lokulalela uKhathide “Tshatha” Ngobe oshayela uhlelo lwantambama kuKhozi FM olungena ngo-3 kuya ku-6 ntambama.
Cha umfo kaMakati Azidudla uyalushaya uhlelo lwakhe. Unolwazi ngezinhlobo zomculo awudlalayo futhi ubambisene kahle noSelby “Selbeyonce” Mkhize.
Okunye okungichazayo ngaye wukuthi akagcini nje kuphela ngokusakaza ukuze kube mnandi kodwa uyazama nokusithekela ngolwazi.
Uma esakaza akekho ongalitholi ithuba lokumazi ukuthi ungubani.
Ngingakutshela nje ukuthi lena yinsizwa yaKwaNongoma ezifela ngomaskandi ne-hip hop nekwaito, yibhola noJehova.
Angikutholanga lokhu kuGoogle noma ngokumlandela ezinkundleni zokuxhumana kodwa emoyeni.
Lapho ngifike ngikhale khona yilapho esegcizelela uthando analo ngezinto ezithile, ikakhulukazi inkolo.
Ngikholwa wukuthi akuyena wonke umuntu olalela Ukhozi ongumKhristu. Akwenzayo akuhlukile nokugqamisa inkolo yakhe isidana.
Noma engaba maningi amaKhristu alalela umsakazo kodwa anamahlelo ahlukene engingakholwa wukuthi afuna ukuzwa ngelilodwa likaTshatha.
Umdidiyeli wohlelo uyivuma kanjani le nto ukuthi mihla namalanga sihlale sitshelwa ngeBhayibheli. Abaphathi bona bathini?
Ungaze ungibize ngomhedeni, cha nami ngingumKhristu ngokuphelele.
Kuyoba njani uma omunye umsakazi yena ethi uzithandela ipolitiki bese ehlale ezikhulumela ngeqembu lakhe?
Le nto ngiyibona ifana nje ngakho kumele inqandwe.
Uma umsakazi wami umfo kaNgobe ethanda inkolo kungaba ngcono acele Indumiso ngeSonto, uNkulunkulu noMntomusha noma Izingxoxo Zenkolo. Vele yisikhathi esihle lesi ngoba abaphathi bamatasa benza izinguquko.
Ngaphandle nje kwalokhu, uTshatha ungumsakazi oseqophelweni eliphezulu.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma ku-Instagram @fanelebengu