MHLELI: Ngivumele ngigadle ngenhlonipho nangeqiniso ngenhloso yokwakha nokuxwayisa ngokuphaphalaza okwenziwa ngabaculi bakithi ikakhulu lapha emculweni wesintu nokho okugcina kuholele ekuhlukumezeni abanye abantu ekubeni kubalekelwa ukutshela abantu iqiniso.
Ngiphawula ngokwenziwe yiGcokama eLisha phambi kwezinkumbi zabalandeli balo. Bakwethu kulihlazo ukuhluleka kweGcokama ukudlala isigingci lize lizizwe nalo uqobo ukuthi cha akuhambi kahle ezintanjeni.
Ngizibuza umbuzo wokuthi lisola bani ngoba yilona elidlala lezi zinto bukhoma. Cha mfana uhlulekile iqiniso. Ngezwa ngishaywa amahloni ngakhumbula amaqhawe ayibamba kusenzima kusashoda nezinandisi zomculo kepha ayeyidonsa intambo bukhoma ufise impinda.
Lapha ngibala amaqhawe afana noMfaz’Omyama Khumalo, Sandile Mbongwa noMgqashiyo Ndlovu. La madoda ayeyoneqa ngaphezulu bafana ayengangathekisi enkundleni uma enza into yawo.
Okubuhlungu kakhulu wukuthi ukuhluleka komasikanda abaningi kugcina kuphazamisa ukusebenza kwabasakazi. Ukusolwa kwabasakazi abasethulela izinhlelo zikamaskandi kungaze kwenze ukuthi izingane zabantu ziphelelwe yimisebenzi imbala. Abasakazi ababethula uhlelo lomculo kamaskandi abanjengoNgizwe Mchunu noTshathugodo Ngobe sebafaniswa nezitha zabaculi ekubeni kuyibo abaculi abangenzi kahle.
Abasakazi abanacala abakwenzayo bayakwazi futhi bakufundele nani zehliseni niyofunda ukudlala izintambo kothisha bentambo. Ayikho into engenaso isikole esikhathini sanamhlanje. Ukucasha ngesithupha akusizi ngoba kufakana ehlazweni elinjengaleli elehlela umfo kaManqele ehlulwa wukudlala isigingci phambi kwabantu ekubeni simhlonipha kangaka.
Mhleli ngibonga ithuba lokubeka iqiniso eselafaniswa nomlilo oshisa abaningi ngoba bayalibalekela abafuni ukulikhuluma kanti phela umuntu wakhiwa ngabanye abantu.
Lwazi Dlamini
eBergville