KUKE kwenzeke ukuthi uma ulalele umsakazo ufise ukuphawula kodwa ubuye unqene ngenxa yokuthi akulula ukungena emoyeni.
Phela basuke bebaningi abantu abalalele njengawe futhi okungenzeka ukuthi nabo bafuna ukuphawula.
Sekukaningi nami ngizama ukushaya kodwa kulokhu kuthiwa ulayini umatasa.
Engaze ngakwenza kolunye wukuthi ngifonele umdidiyeli ngasese ukuthi angifake emoyeni ukuze ngiphawule.
Mhlawumbe baningi abenza njengami basebenzise ukwazana nabadidiyeli bahlale bephawula.
Njalo uma kuke kwavulwa olayini kwezinye iziteshi kunabangasali, uze uzibuze ukuthi kanti bona benza ngani?
Le ndaba yokuthi ucingo lubanjwe wumdidiyeli kuqala ngaphambi kokuthi lungene emoyeni ngibuye ngiyibone iyinkinga ngesinye isikhathi.
Uke uzwe umsakazi ebamba ucingo umuntu ambize ngegama kungathi bayazana? Kusuke kuwumdidiyeli othathe imininingwane yakhe kuqala.
Ohlelweni lwasemini kuMetro FM olushayelwa ngoThomas Msengana noPearl Modiadie kuzwakala iphimbo elingathi elomshini likaPruluv ethi emoyeni kukhona bani. Umdidiyeli wohlelo usuke eselubambile ucingo.
Okungenza ngithi kuyinkinga lokhu kwesinye isikhathi wukuthi bayakwazi ukuzihluza izingcingo, bafonise obhululu babo ukuze bafakazele isihloko okukhulunywa ngaso, sigcine sikholakala.
Uke uzibuze nje ukuthi kungani abanye abantu kuhlale kuba lula kubo ukungena emoyeni? Zonke izinhlelo bona nje bayaphawula. Yingoba abadidiyeli sebeyabazi, izingcingo zabo bayazibamba.
Kuyenzeka futhi bakwenze lokhu ngoba befuna ukuthi kukhulunywe ngohlelo lwabo. Uzokhumbula uSphe noNaves kwiGagasi, kunensizwa eyathi ifonela intombi yayo ucingo lwabanjwa owathi uyisoka lentombi.
Leya ndaba yayingakholakali. Kungenzeka ukuthi kwakuyinto eyayihleliwe.
Kwesinye isikhathi umdidiyeli ufaka izingcingo zabantu abaziyo ukuze kungalokhu kubambezeleka isikhathi kulokhu kufona abantu abazolokhu bebuza ukuthi kukhulunywa ngani ngoba bavele bashaya nje ngoba befuna ukuzizwa emoyeni. Kunabantu futhi abangezwa, abafona bavule imisakazo. Laqala nini nje ukushunyayelwa ivangeli lokuthi vala umsakazo kuqala?
Ngibuye ngikuphasise okwenzeka kwezinye iziteshini zomphakathi ngoba umuntu ushaya ucingo lubanjwe wumsakazi ngqo. Lapha uzwa umbono womlaleli ongahluziwe futhi akusebenzi ukuthi wazana nomdidiyeli ngoba akanamandla okubamba kuqala.