MHLELI: Mina ngibona laba bantu abalokhu begovuza indaba yoxolo phakathi kukaKhuzani noMthandeni njengabantu abangakuthandi ukuthula futhi abangonontandakubukwa.
Le mfishimfishi abalokhu bekhuluma ngayo angiyiqondi nhlobo ukuthi babhekephi nayo. Kuqala ngabo yini ukuthi umculi kamaskandi abizwe ngenkosi kulo mculo? Bangaki abantu ababizwa ngamakhosi emikhakheni eyehlukene kodwa asikaze sizwe kukhulunywa ngabo? Mina ngizibonela osomathuba nje ko-3 second nokuba ngonontandakubukwa ngombhedo.
UKHUZANI okubikwe ukuthi uzoyiswa kwiMbube neGcokama beyophendula ngokuzibiza ngaMakhosi
Laba baholi bezenkolo ababizwa ngamakhosi bona bayekwa ngoba nakhu bona bagcotshwa yiSilo? Mina ngibona singekho nesincane isidingo sale mbudane ngala maciko. Indaba yokuthi kufanele bachaze ngezihloko zamaCD abo ngibona kuwukubabukela phansi njengamaciko.
Abantu kumele babe matasa ngezinto ezibalulekile bayeke ukuba matasa ngento engathi shu. Kusho ukuthini kanti ukuba yiciko? Lezi zinhlangano ezilwela amaciko kuzofanele zingenelele la zingabukeli amaciko akithi edlala abantu abangazi lutho ngomculo. Ngiyaye ngizwe kuthiwa u-3 second into ayazi kangcono yisibhakela. Kungakuhle agxile kuso akhohlwe yindaba yomculo ngoba akawazi.