MHLELI: Bengizitshele ukuthi angeke ngiphawule ngendaba yokuxoshwa kukaNgizwe Mchunu esiteshini esikhulukazi esisakaza ngesiZulu lapha eNingizimu Afrika okuwuKhozi FM kodwa ngibona kwelakho eliwela umfula ugcwele kulokhu kukhulunywa ngayo le ndaba nasekhasini lemibono ayisali yingakho-ke sengithe nami angibeke owami umbono.
Yebo kubi okubikwa ukuthi bekwenziwa ngumfo kaMchunu uma kuyiqiniso kokuthi abantu ubebabukela phansi engabazi nokuthi bayini aze abatshele nokuthi bahola amakinati ngoba nakhu yena ebeyikha ngamafosholo lapha emsakazweni.
Into abeyikhohlwa ngukuthi azi ukuthi ngelinye ilanga kuyoke kube nje. Phela kuthiwa lithatha osemsamo limbeke emnyango kuthi osemnyango limbeke emsamo.
Abazi izinto baye bethi isondo liyajikajika, okusho ukuthi-ke ungabomhleka omunye umuntu ngoba nakhu umbona engathi uswele wena ube usakhomba ngophakathi, ngoba ngelinye ilanga uyothi uma usuxakekile ungasizwa umuntu kunalokho abantu bakuhleke bajabulele ukuthi nawe usubuyile kwamhlaba.
Ukubazisa abantu kubaluleke ngendlela eyisimanga nengikholwa ukuthi kube yisifundo esinzima kumfo kaMacingwane.
Nathi singabantu angikholwa ukuthi kumele sijabulele ukuthi kunomndeni osuzolala ungadlile ngokuxoshwa komuntu okunguyena inhloko yawo ngoba phela siyazi ukuthi akekho ongenasici.
Ntuthuko Bhengu
eNanda Glebe