Ezokungcebeleka

[IMIBONO] Angisayingeni ekaBabes noMpintsho

Group|Published

UBABES Wodumo odumaze umlobi walo mbono ngokubuyelana noMampintsha UBABES Wodumo odumaze umlobi walo mbono ngokubuyelana noMampintsha

Mhleli othandekayo, ngibhala lapha ngenkulu impoxeko nokuvumelana ngombono wephephandaba engiwubone ngoMgqibelo owedlule ngaphansi kwesihloko esithi “Esingakufunda kwelikaMpintsho noBabes Wodumo”.

Cha nami ngingomunye wabantu abangena bagamanxa kulolu daba ngenxa yokuthi ngizele amadodakazi.

Kwaba buhlungu kimi ukubona le ntombazane eculayo ikhala ngamhla kuvela uMampintsha eyigxumela eyishaya kwi-video.

Nokho namuhla sebebuyelene futhi ngathi uthando luqale phansi. Yebo kuyenzeka ukuthi umuntu athande into ezogcina imbulele.

Nemilutha yezidakamizwa isuke isagajwe ubumnandi nenjabulo uma isaqala ukusebenzisa izidakamizwa kodwa kuya kusa ngokunye uma sebebona ukuthi engathi isidakamizwa sibaphuca cishe yonke into abanayo.

Yebo ngidumele ukuthi uBabes ukhethe ukubuyelana noMampintsha kodwa-ke angiboni ukuthi ukumshaya kwakhe kwakungavele kuqede uthando.

Ngivumelana nawe Mhleli uma uthi iyingozi le yokuthi eyababili ayingenwa ngoba uma sekulinyazwana ngeke sikwazi ukuthula. Kanti njengoba wachaza nje umbono ukuthi siphezulu kakhulu isibalo sabesifazane abafela ezandleni zamasoka.

Mina kepha ngeke ngisazifaka ezindabeni zikaBabes noMampintsha, ngisho kungathiwa uvuka esibhedlela ngelinye ilanga.

Angimdubi kepha ngithandazela ukuthi nanoma yiziphi izinkinga ezidala uMampintsha ukuthi ayibhonye ingane kaSimelane zixazululeke zidlule.

Bengizikhonzile lezi zingane ngiyethemba ukuthi njengoba beqale uhlelo lokuthi balulekwe kuzobasiza lokho baqhubeke babe yizithandani esizikhonzile.

Mandla Msomi

ETHEKWINI