SEKUBE kuningi ukukhuluma ngokungena kosaziwayo emisakazweni okuyinto eyenzeke kakhulu eminyakeni embalwa eyedlule.
Abaningi ababekhala babethi lokhu kuvalela ngaphandle abantu abanekhono kwezokusakaza, ikakhulukazi abaseziteshini zomphakathi. Kunenkolelo yokuthi ukusakaza esiteshini somphakathi kufana nokuba senkulisa ngoba usuke ucija ikhono lakho lezokusakaza ngaphambi kokuthi uyongena “kwemikhulu”.
Iningi labasakazi beziteshi zomphakathi likutshela ukuthi iphupho labo wukuba semsakazweni othize othathwa njengomkhulu.
Kodwa iqiniso lithi imisakazo isempini yabalaleli. Ngaphandle nje kokuthi ibanga iyodwa kodwa iphinde ibangisane nezinto ezifana nethelevishini, amaselula lapho odlala khona umculo owuthandayo ngesikhathi sakho nokunye.
Lesi ngesinye sezizathu esenza imisakazo ilande osaziwayo ngoba banabalandeli ekholwa wukuthi usuke ezofika nabo usaziwayo.
Sikubonile kwenzeka kwiMetro FM ilanda oSomizi, Khanyi Mbau nabanye.
Lapha KwaZulu-Natal iGagasi FM lilande umlingisi woZalo uKhaya Dladla noweMbewu: The Seed, uRaphael Griffiths.
Umphathi weGagasi uVukile Zondi ubekholelwa kakhulu ekuzivundululeleni ithalente elingaziwa futhi engakunqeni ukulanda abantu eziteshini zomphakathi.
Ngingabala oNomfundo Clarissa owathathwa kwiNanda FM nabanye.
Yiqiniso elingephikwe ukuthi uKhaya uyathandwa. Lapho eqhamuka khona kuvele kuhlanye abantu. Anginakho ukukhala ngokuthi iGagasi limfake ohlwini labasakazi balo lapho esakaza khona noVumar ngoMgqibelo emini.
Vele uKhaya, odume ngendawo kaGC ayilingisa kuZalo, kade asho ukuthi ufuna ukuba wumsakazi futhi samuzwa elunguza koVuma FM.
Okungichaza kakhulu ngaye wukuthi ukhululekile. Uyakuqonda ukuthi uhlelo lwabo lungena ngoMgqibelo lapho abantu bephumulile khona bese elokhu ethi phohlo amahlaya.
Into eyenza ithandwe indawo yakhe kuZalo wukuthi iyahlekisa, ungathi emsakazweni uqhubeka lapho kugcina khona uGC.
Uyamyeka uVumar akhulume kakhulu bese yena eyafakaza anonge ngencoko ngaphezulu.
Okunye okuhle ngaye wukuthi uyazi ukuthi kwenzekalani kwezokungcebeleka bese elokhu ecobelela umlaleli.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma ku-Instagram @fanelebengu