PHAMBILINI abasakazi babebamba elikhulu iqhaza empumelelweni yabaculi okuyinto engingakholwa wukuthi isenzeka.
Ake ngibeke isithombe salokhu engikhuluma ngakho.
Isibonelo nguKansas City Mchunu owayekuKhozi FM okwakuthi uma ingoma isiphelile akuthathe akubeke ngeqembu noma umculi abedlala ingoma yakhe.
Kunabaculi lo msakazi abenza baziwa umhlaba wonke ngendlela ayenothando ngayo lwento ayeyenza.
Ubeke adlale uLucky Dube umuzwe esembongela ethi Lucky My Son. Wayengagcini lapho, wayethi uma ekudlalela amaSoul Brothers umuzwe ebiza oMdavu uyadavuza. Wayenza isiqiniseko sokuthi ugcina ulithanda iqembu kumbe umculi wengoma ethile.
Manje sewuke ulalele ingoma uzitshele ukuthi uzochazelwa ngayo kodwa umsakazi angazihluphi nokuzihlupha ngokutshela abantu ukuthi ithini ingoma ekade idlala nokuthi iculwa ngubani.
Esikhathini esiningi iyabalimaza abaculi le nto, iphinde iveze nomsakazi ukuthi akawukhathalele umsebenzi wakhe. Ngizobancoma abasakazi abashayela izinhlelo zomculo wesintu ngoba abalenzi iphutha lokuthi badlale umculo womuntu kodwa bangasitsheli ukuthi iculwa ubani nokuthi ingoma ithini.
Kwesinye isikhathi uke ube nesifiso sokuthi uwuthenge umculo kodwa umangale nje umsakazi uma evele angasho lutho ngomculi obekudlala ingoma yakhe. Kokunye ithi iphela ingoma kuvele kungene izimakethe.
Ngizomncoma uTshath’ ugodo Ngobe, uyazihlupha ngolwazi. Ithi iphela ingoma abe ekutshela okubili okuthathu ngomniniyo. Wenza isiqiniseko sokuthi, uyamusho umculi kanjalo nengoma ayidlalile.
Ngiyazi ukuthi abasakazi bayahlelelwa izingoma abazozidlala kodwa kuyaye kube kuhle ukuthi uma sewufakeliwe yilowo ophethe uphiko lomculo, nawe ube sewuyazihlupha phela ngokuthola ukuthi wazi kabanzi ngomculi kanjalo namaculo osuke ufakelwe wona.
Kunezinto ezazenziwa ngezikhathi zoKansas City engikholwa wukuthi zisabalulekile namanje. OKansas City babekwenza ungasuki emsakazweni wakho kodwa manje akuve sekulula ukushintsha umsakazo. Uvele umuzwe zisuka umsakazi ongazazi ukuthi ufuna ukuthini noma okuhhemelayo uvele uziciphizele inkinobho uphume kuyena noma kulowo msakazo.
Abasakazi abasitshele ngabaculi ababadlalile kanjalo nezingoma zabo ukuze uthengwe phela umculo.