IKHUZA ibuya indumezulu yomcimbi Ugu Jazz Festival eba soGu Sports and Leisure Centre ePort Shepstone.
Lo mcimbi wagcina ngesikhathi kubheduka igciwane iCovid-19. Ngaleso sikhathi wase wenziwa wuMnuz Jabulani “Mjay” Zama ongasekho.
Njengamanje usubuyiselwe kowake wawenza phambilini uMnuz Siyabonga Msomi wenkampani iCoolsounds Trading.
Imenenja kaMasipala Ugu ongabanikazi bomcimbi, uMnuz Vela Mazibuko ithe bese kunesikhala abantu belambele umcimbi walolu hlobo.
Uthe uMsomi uqashwe ngemuva kokukhishwa kwethenda, okuthe uma kubonakala amava akhe nokuthi ungowasendaweni wanikezwa umsebenzi.
Uqhube wathi balindele ukuthi umcimbi ubafakele imali engaphezu kuka-R50 million ngenxa yezivakashi ezizoshiya imali.
IMeya kaMasipala Ugu, uMnuz Sikhumbuzo Mqadi, ithe sebezishintshile izinto ngokuhlinzeka abantu ngamanzi okuyinto ebibavimba ukuthi babuyise umcimbi. Uthe okunye yinkece.
“Sinawo amanzi. Kunezingqinamba lapha nalapha kodwa siyazilungisa njengomasipala. Uma sikhuluma iqiniso kunozinzo,” kusho yena.
Bebekhuluma ngesikhathi kwethulwa umcimbi eMushroom Lounge, eMhlanga izolo. Phakathi kwabebekhona kubalwa iMeya kaMasipala waseRay Nkonyeni uNkk Zodwa Mzindle, uSotswebhu kaMasipala Ugu uNkk Matho Shozi nabanye.
UMsomi uthe Ugu Jazz uzoluhlanganisa nomcimbi wakhe awuqale eminyakeni emibili edlule, i-Offramp Experience.
Uthe i-Offramp ihlanganisa imicimbi ehlukene edonsa inyanga yonke ngoJuni.
“Akuwona umcimbi wosuku olulodwa ngoba sifuna izivakashi zibe khona inyanga yonke. Sibuyisa into yakudala ukuthi uJuni ngowasogwini oluseningizimu. Ngesikhathi sikhula ngoJuni kwakufika izinhlanzi osadinsi, yingakho kwaqala imicimbi efana ne-jazz ukuze kuhehwe izivakashi,” kusho uMsomi.
Uthe banemicimbi ehlukene ukuze wonke umuntu abe nento ehambisana naye.
Ubale umncintiswano wokudoba ozoba ngoJuni 21 ababheke ukuthi uhlanganise izinhlanga ezehlukene.
Ngawo uJuni 21 kuzoba nomncintiswano webhola iMayor’s Cup.
NgoJuni 27 kuneWorship Experience oGu Sports and Leisure Centre.
“Akuyona ifestivali yomculo wokholo kodwa sibuyisa isisekelo sikaNkulunkulu ebantwini. Yingakho siba nabefundisi abaningi namaciko eseka umbono,” kuchaza uMsomi.
Uqhube wathi ngakusasa ngoJuni 28, yilapho bayobe sebenza khona Ugu Jazz Festival.
“Ngifuna ukugcizelela ukuthi ngeke kube yindumezulu njengoba ibiyaziwa kodwa siyayethula kulokhu ngoba isikhathi sesihambile. Ngonyaka ozayo ukuya phambili yilapho sizokwenza khona umcimbi omkhulu. Sizokwenza into yokuwethula umcimbi sibe nozosihlanganisela umdanso nezinhlobo ezehlukene zomculo cishe kube yinto edonsa amahora amathathu. Senza into efana ne-gala dinner. Sisazobonisana nomasipala ukuthi amathikithi siwakhipha mahhala noma siwabiza imali encane,” kuphetha uMsomi.