UMPHATHI wesikhungo sezobuciko i-Ekhaya Multi Art Centre (K-CAP), u-Edmund Mhlongo, uthi kuzophela ukuthi abaculi baKwaZulu-Natal, bamoshe imali beyofuna istudiyo esisezingeni lokuqopha umculo wabo eGoli, wathi sebenaso KwaMashu.
Lokhu kuza ngemva kokuvula ngokusemthethweni istudiyo sokuqopha umculo esisezingeni. Uthe izindlu zabo sisezingeni leDowntown, eseGoli okungesinye sezitudiyo ezithandwa kakhulu ngabaculi bakamaskandi.
“ Besihlala sibona abaculi ikakhulu bakamaskandi bencoma iDowntown. Sicele umuntu owenza i-sound proof yaseDowntown ukuthi asilekelele ukuthi nesethu istudiyo sibe sezingeni layo. Lokho kusisizile ngoba asebeke bangena kusona bayasincoma ukuthi sikulungele ukuqopha noma yiluphi uhlobo lomculo. Okuphinde kube mnandi ukuthi sikhulu, sivumela ukuthi kuqophe abaculi abangu-30 ngesikhathi esisodwa. Lokho kusho ukuthi namakhwaya angakwazi ukuqopha kusona ngaphandle kokuba nenkinga yobuningi babantu,” kuchaza u-Edmund.
Uthe baxhaswe wuMnyango wezobuCiko kuzwelonke ukuthi sakhiwe sibe kuleli zinga esikulona. Uveze nokuthi yingakho sivulwe wumnyango ngesikhathi sesiqediwe ukwakhiwa.
Bakhona abaculi athe sebeke baqopha kusona okubalwa uChaos neThee Legacy. Wathi sinonjiniyela waso uXolani Khuzwayo, kodwa abamnqabeli umculi ukuthi afike nonjiniyela wakhe ngenxa yokuthi abaculi banezigqi zabo ezehlukile.
Abanye abaculi athe bazongena kusona maduze uZawadi Yamungu, ehamba noVictor Sithole njengoba bezokwenza ingoma ekhuluma ngezikhukhula. Abanye abasezinhlelweni zokuqopha kusona maduze nje, uthe nguMfiliseni Magubane noChaos ngoba kunomculo omusha abazowenza.