BAZOHLUNGWA ngohlelo lwama video abadansi abazoba yingxenye yendumezulu yedili lemidanso yesimanje eyahlukene ebanjelwa eThekwini minyaka yonke.
IJomba Fringe yakulo nyaka izoshaya ngelinye igiya njengoba sekukhishwe isitatimende sokuthi konke kuzokwenziwa ngobuchwepheshe bamavideo ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyalithola ithuba.
IJomba Fringe izokwenza inhlolokhono ehlanganisa abadansi bemikhakha eyahlukene encike emdansweni wesimanje icontemporary izokwamukela izicelo zabadansi, izinkampani zomdanso, abadidiyei bomdanso esebenamava kanjalo nabasafufusa.
Ukufakwa kwezicelo sekuvulelekile kanti kulindeleke ukuthi kuze kuvalwe ngoJulayi 10 ntambama. Kuhlu lwabadidiyeli bemdanso abalindelekile abahlanganise imidanso exoxa indaba kusetshenziswa ubuciko bomdanso, nabalandela imigomo ebekiwe ngaphansi kweJomba.
Yize kuzobe kuhlangene amaciko kodwa ngeke bavunyelwe abantu ukuthi basebenzise imsebenzi yamanye amaciko ngaphandle kwemvume.
Umculo ngenye yezinto ezizobhekwa kakhulu ukuthi umuntu uyilandele yini imigomo yokusebenzisa umculo welinye iciko, kuzophinde kudingeke nobufakazi obuyisiqiniseko salokho.
Abantu okuqalwa kubo ukucubungulwa izicelo zemisebenzi yabo abazobe beneminyaka engu-16 kuyaphezulu. Kwisitatimende esikhishwe namuhla iJomba, kuvelile ukuthi abakabinalo okwamanje usuku lokuqala ukubukiswa kwale midanso njengoba kusazokwenziwa inhlolokhono kuqala.
Kwabafisa ukucaciseleka ngolwazi okubalwa nezikole bangaxhumana nabeJomba kule email [email protected].