UMAKADEBONA kaDJ waseGermany kodwa ozinze kuleli, uRalf Gum, uthe akukho okungavimba ukuthi igqom’ ikhonye emhlabeni jikelele.
URalf Gum ukusho lokhu engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngoMsombuluko ntambama.
“Angisiboni isizathu esingenza ukuthi ingabi yintandokazi phesheya. Umculo omusha ongajwayelekile, ngakho ngicabanga ukuthi ungaduma ngokushesha,” kusho uRalf Gum.
“Amazwe omhlaba ahlale efuna umculo omusha ohlukile. Ngenxa yokuba kusha kwegqom’ ngicabanga ukuthi ingathatha abaningi ngempela. Konke manje kulele ekutheni imakethwe ngendlela,” kuqhuba uRalf Gum.
Uthe njengoba bekukhona igqom’ nyakenye egcine ihlukanise unyaka ngengoma yeDistruction Boyz ethi Omunye, unethemba lokuthi kulo nyaka kuzoba yi-deep house.
“Sengathi i-deep house ingabuyela endaweni yayo ngoba yiyo engiyithandayo. Kodwa izinto zihlale zishintsha ngaso sonke isikhathi futhi kunzima ukuqagela ukuthi yini abantu abazoyithanda ngalowo nyaka,” kusho yena.
Lo DJ wodumo lwezingoma okubalwa kuzo iKissing Strangers, Complicated, All This For You, nezinye uveze ukuthi kulo nyaka uzokhipha i-albhamu entsha.
“Sekunesikhathi ngigcine ukukhipha ngakho nakanjani ngiyakhipha. Maduze nje ngizoqala ngikhiphe amasingili azoba kuyona. Ngizosebenza no-Ayanda Jiya ongumculi omusha onethalente elimangalisayo, iMafikizolo engisanda kuyenzela ingoma njengoba igubha iminyaka engu-20 nje nabanye bangaphandle engijwayele ukusebenza nabo njengoKafele, Monique Bingham noPortia Monique.”
Uthe zikhona nezingoma azozikhipha zabaculi asebenza nabo enkampanini yakhe iGo-Go Music.