UMDLALO owuchungechunge iGenerations: The Legacy, uzoba ngothakaselwa yiningi maduze.
Eziqeshini ezizoqala maduzane kukhulunywa ngento edlangile eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele okungukuhlukunyezwa ngokocansi kwabafundi okwenziwa wothisha babo.
Umlingisi ozogqama kulezi ziqembu nguClayton Boyd, olingisa indawo kaRobert Carlson onguthisha futhi osolwa ngokuhlukumeza uLesedi (Luyanda Mzazi) naye ozogqama kulezi ziqephu.
“Yize uthisha uCarlson esebe kulo mdlalo selokhu kwaqala ukubonakala kwesikole, akakaze kodwa athole indawo ezomgqamisa njengalena azobonakala kuyo. Lokhu okuzobonakala yinto edlangile emhlabeni futhi ngijabule ukulingisa le ndawo, ngixoxe ngalolu daba,” kusho uClayton.
Uma udaba luqala kuhlaluka ukuthi akekho obebona ukuthi lungase luholele ekutheni abafundi bahambe bayofunda kwelinye idolobha.
Ngesikhathi befika kule ndawo kungazelele muntu uLesedi uzizwa enesiyezi kuthi akaphalaze, kula uthisha uCarlson emthatha khona eyombeka endaweni abalala kuyo ehambisana nomngani kaLesedi, * -Amy (Marilise Van Wyk).
ULesedi uyaqhubeka nokulala ubuthongo obumenza angazi lutho futhi ngaleso sikhathi uthisha wakhe usuke engekho, * -Amy uphindela la kukhona abanye abafundi ushiya uLesedi yedwa.
Ngaleso sikhathi uLesedi uhlukunyezwa ngokocansi kodwa akazi ukuthi ngubani owenze lokhu kuye.
“ULesedi akakhumbuli lutho uma evuka kodwa unokusola ukuthi uthisha wakhe nguyena omgilile. Uthisha uyakhathazeka uma amaphoyisa emtshela lokhu futhi ukhombisa ukuzwelana noLesedi,” kusho uClayton.
Uthe ngesikhathi ababhali bomdlalo bekhuluma ngokuqala ukuqopha iziqephu, kwabezindaba bese kunemibiko eminingi ekhuluma ngokuhlukunyezwa ngokocansi nothisha abathola imisebenzi ezikoleni ngoba belale nezikhulu ezithile.
“Ngicabanga ukuthi lolu wudaba okumele kukhulunywe ngalo. Izingane zethu zintekenteke ngakho ziyadinga ukuthi siziqwashise ngezinto ezingezinhle ezingenziwa wothisha bazo,” kuchaza uClayton.
Uthe okunye okuzogqama wukuthi emehlweni omthetho uba ngumuntu ongenacala kuze kube utholwa unecala bese uyajeza kodwa emphakathini nasezinkundleni zokuxhumana usuke usunecala.
“Lo mdlalo uzohamba yonke le migudu. Ngenxa yokusolwa kukathisha ngokuhlukumeza, izingane zakhe nazo ziyahlukunyezwa nomkakhe uyamiswa ekufundiseni. Ubhekana nabo lobu bunzima yize elokhu eshilo ukuthi akanacala,” kuchaza yena.
Uthe ukulinde ngabomvu ukubona ukuthi ababukeli bomdlalo bazoyamukela kanjani indawo azoyilingisa.
Uthe esontweni lokuqala uyazi ngeke bamthande abaningi futhi kumele abheke la ehamba khona emphakathini kodwa uma seluqhubeka udaba bazobona izinhlangothi zombili.