LISAZIHOLA phambili iGcokama elisha emncintiswaneni wengoma ezohlukanisa uNyaka ohlelwe yiSolezwe ngeSonto.
Ingoma yeGcokama Elisha ethi Jessica ekwi-albhamu ephume emasontweni amabili edlule ethi Ozankosi, isavotelwe kakhulu ngabathandi bomculo njengaleyo abayibona izohlukanisa unyaka ngoNcibijane.
Lokhu kuhlale obala kulo mncintiswano ongowokuqala kulo nyaka ohambisana nokuthi umfundi weSolezwe ngeSonto oyoba nenhlanhla ahlomule ngomklomelo wokupepenyaka impelasonto nophathina wakhe eWild Coast Sun.
Kusukela ngeSonto eledlule, leli phephandaba likhiphe uhla lwezingoma ezingu-20 labafundi abazokhetha kuzona abayibona ifanelwe wukuthi bangene ngayo onyakeni omusha u-2018.
Ngemuva kokubalwa kwamavoti angenile kube sekuvela eziyishumi ezibonakale zihamba phambili ngokuvotelwa ngabafundi.
Osophikweni lwezokukhangisa kwiSolezwe ngeSonto, uZama Majola, uthe: “Ngemuva kokukhipha le Top 10 sizobe sesikhipha iTop 5 ngoDisemba 17. Yiyo ezovotelwa kuze kube nguDisemba 28.”
Ingoma ezozishaya emakhanda iyomenyezelwa kuleli phephandaba ngoDisemba 30, 2017.
Ukuvota umuntu uthumela iSMS ku-33258 enegama lomculi nengoma.
Ingoma ezohlukanisa unyaka kwiSolezwe ngeSonto akusho ukuthi yiyo futhi ezohlukanisa unyaka emisakazweni.
ITop 10 yeSolezwe ngeSonto imi kanje:
1.Igcokama Elisha - Jessica
2.Distruction Boyz - Omunye
3.Game Over - Amageza Amahle
4.DJ Tira Ft Tipcee - Malume
5.Heavy K Ft Bucie - Yinde
6.DJ Nkoh - Tholukuthi
7.Babes Wodumo Ft Mampintsha - Gandaganda
8.DJ Maphoris Ft DJ Tira, Busiswa, Moonchild Sanelly - Midnight Starring
9.Distruction Boyz Ft Tipcee - Madness
10.Okmalumkoolkat - Amalobolo
10.Tipcee Ft Busiswa, DJ Tira and Distruction Boyz - Isicathulo.