UMCULI kamaskandi Igcokama Elisha, uthi yinto ebihlelwe wuyena ukuthi abizwe ngoKhuzani njengoba eqashwe ukuyonandisa emicimbini emibili e-United Kingdom.
Uthe inhloso yakhe bekungukusondeza umsebenzi wakhe kubantu eNingizimu Afrika, njengoba esesephesheya kwezilwandle.
“ Imina engithe abangibize ngoKhuzani. Bengizama ukukhombisa ukuthi mina anginayo inzondo ngabanye ozakwethu kuMaskandi. Abanye sebezitshela ukuthi udidekile lo ongibize ngoKhuzani. Mina anginankinga nabanye abaculi kangangoba ngisho kubo uKhuzani ngingangena endlini ngijatshulelwe ngisho nayingane encane yakhona, ngendlela abantu abangithanda ngayo,” kusho Igcokama Elisha.
IGcokama Elisha libizwe ngoKhuzani wumlandeli obefuna ukushutha nalo ngesikhathi lizonandisa kumaCommon Wealth Games aseBirmingham, e-England. Ngesikhathi umlandeli ethi ucela ukushuthwa noKhuzani eqonde Igcokama Elisha, lo mculi ubeLive ekhasini lakhe. Ubonakale esuka ngejubane ezama ukuvala lo olibiza ngoKhuzani.
UKhuzani uhleke woma ebona lesi sigameko waze wanameka le video kaLive ekhasini lakhe. Uze wabhala ukuthi uKhuzani ubavukuza ngisho naphesheya kwezilwandle e-UK.
IGcokama Elisha liphinde lavela ligoloza ukukhuluma isingisi ngesikhathi lisemsakazweni iRevolution Radio khona phesheya kwezilwandle kwaze kwalandwa utolika.
Lithe ukugoloza kwalo bekungasho ukuthi yingoba lingasazi isingisi kodwa kungenxa yokuzigqaja ngolimu lwesintu.
“ Uma uzobheka abadlali bamaqembu aphesheya kwezilwandle abasisebenzisi isingisi uma benza ama-interview. Bakhuluma ulimi lwabo. Lokho kusuke kungasho ukuthi abasazi isingisi kodwa bayayimela into yabo. Engiphinde ngakuqaphela njengoba ngiphesheya kwezilwandle, bayamthanda umuntu ozigqaja ngayikhona. Nokujabulisa abantu khona bekudingeka ukuthi ngivunule ngoba iyona into ebiyenza kube nenhlokomo kanti emicimbini yaseNingizimu Afrika, ngiyakwazi ukungena esteji ngiswenkile ngifike ngingaculi, abantu bajabulele lokho. Phesheya kwezilwandle bafuna ucule impela futhi uzibonge udlale nesiginci bese beyachazeka,” kusho lo mculi.
Phesheya kwezilwandle, IGcokama Elisha linandise emicimbini emibili okuyi-Assembly Festival, ebiseScotland nakumaCommon Wealth Games okukhona kuwona noNgqongqoshe wezobuCiko, uNathi Mthethwa. Belishiyelana inkundla noMaqhinga noQadasi abaqhamuka la eNingizimu Afrika nabanye abaculi. Lithe lizotheleka eNingizimu Afrika ngoLwesine.