IGCOKAMA Elisha eselivule icala lokukhonjwa ngesibhamu abahleli bomcimbi Isithombe: INSTAGRAM
SISHUBILE isimo phakathi kweGcokama Elisha nabahleli bomcimbi Ingoma kaZwelonke, abaphinde bahlele iMpucuzeko kaMaskandi Festival. Lokhu kudale ukuthi umculi abavulele icala lokumkhomba ngesibhamu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uqinisekisile ukuthi kuvulwe icala.
“Ofake icala uthe wakhonjwa ngesibhamu ngabantu abaziyo ngesikhathi esesikhumulweni samabhanoyi. Kuvulwe icala lokumkhomba ngesibhamu esiteshini samaphoyisa eDurban North. Okwamanje akukakaboshwa muntu kodwa kusaphenywa,” kusho uLt Colonel Gwala.
Igcokama Elisha livula icala nje, bese like labacela abahleli bemicimbi ukuthi beze kulona bazoxolisa kodwa balishaya indiva.
“Angiyena umuntu okhonze ukuvula amacala ngoba kuyinto engingayijwayele kodwa ngiyalelwe ngabameli bami ukuthi esimweni esikanje, kumele ngilivule. Ngangibacelile abahleli ukuthi beze bezoxolisa ngoba ngangifuna sithelelane amanzi kodwa bangakwenza lokho.
“Ngabachazela nokuthi angibasabisi uma ngithi nginobufakazi obuqanda ikhanda, bokuthi yibona ababengihlasela bengikhomba nangezibhamu. Nalokho abazange bakugqize qakala. Nami sengithi azilime ziye etsheni ngoba abafuni ukuzehlisa, sesiyohlangana enkantolo,” kusho Igcokama Elisha.
Lithe kukhona ama-video lapho kuvela omunye wabahleli ephakathi kwesixuku esasimhlasela sifuna ukumdubula. Lithe yikhona okwadala ukuthi lingabe lisaqhubeka nomcimbi ngoba layalelwa amaphoyisa aliphelezela eGugu Dlamini Park, ngoba lase libikile ukuthi aliphephile ngemva kokulikhomba ngesibhamu.
Umcimbi wokwethulwa kwe-albhamu yeGcokama Elisha wawuseGugu Dlamini Park, eThekwini ngoJuni 4. Wawuqondene noweNgoma kaZwelonke eyayisePeoples Park kulona leli dolobha futhi uhlelwa yibona abasolwa yilo mculi.
Uvula icala nje, kunezinsolo zokuthi ngelanga lomcimbi wakhe waqala waphazamisa Ingoma kaZwelonke, ePeoples Park. Kuthiwa wafika ehamba ngebhanoyi walindizisela phansi. Kuthiwa lalibuye lihlale kule ndawo abantu bagcine bengasawubuki umcimbi bebuka ibhanoyi.