Ezokungcebeleka

Igcokama licikwe yizinkulumo zikaKhuzani

Thokozani Ndlovu|Published

IGCOKAMA Elisha likhala ngokuba wumphuphe kukaKhuzani ekhuluma kabi ngalo Isithombe: SIGCINIWE

UKUQOKWA komculi kamaskandi Igcokama Elisha kwiRecord of the Year emiklomelweni yezindondo kumaSama sekususe ukukhuluma phakathi kwakhe nembangi yakhe uKhuzani ethi wenzelelwe.

Indaba iqalwe wuKhuzani obekhuluma kwenye yamaPodcast, lapho ethe Igcokama Elisha liqokwe kumaSama ngenxa yokuthi uPearl Maake kaNcube oyimenenja yakhe usebenzela iMotsepe Foundation engenye yabaxhasi bale miklomelo.

UKHUZANI uthi usamile emazwini akhe okuthi Igcokama Elisha lenzelelwe kumaSama futhi uzimisele ukuveza ubufakazi uma eboshwa Isithombe: SIGCINIWE

Uthe akanawo umona ngeGcokama Elisha ngoba vele unezindondo eziningi kunalo kodwa uyazi ukuthi lenzelelwe ngokuqokwa kule miklomelo.

UPearl Maake kaNcube oyinkosikazi kaSello Maake kaNcube ukhiphe isitatimende ecela ukuthi kungahudulelwa phansi igama lakhe nelenkampani yakhe ngalezi zindaba ezingamampunge.

UPEARL Maake kaNcube othi uzothatha izinyathelo zomthetho uma ziqhubeka izinkulumo zokudicilela igama lakhe phansi Isithombe: FACEBOOK

Uthe uyazi ukuthi igama lakhe ligijima ezinkundleni zokuxhumana ngezindaba ezingelona iqiniso nezidicilela phansi isithunzi sakhe. Uthe uma kungukuthi ziyaqhubeka lezi zindaba uzophoqeleka ukuthi athathe izinyathelo zomthetho ngoba le nto izolimaza isithunzi senkampani yakhe iWisdom Mobile Marketing Solutions.

Kunokuthi uKhuzani ehlele ngezansi uphinde wabhala kuFacebook, wathi “Ilula le nto uma ngikuqambela amanga ngivulele icala mina ngizoza nobufakazi, kwaphela.”

UKhuzani ugxekwe ngabaningi ngalesi senzo bekhala ngokuthi ukhuluma kakhulu. Abanye bebemtshela ukuthi akagxile emculweni aphume ezindabeni zabantu ngoba abamlandeleli ukukhuluma ngabantu. Kukhona abaze basho nokuthi ukhombisa ukungabi nazwelo ngoba ushilo uPearl ukuthi le nto izolimaza inkampani yakhe. Kukhona abaze basho nokuthi ingoma yeGcokama iParis imthwalise kanzima usezama ngakho konke ukulidicilela phansi.

Kuthintwa Igcokama Elisha lithe alifuni ukuphawula kakhulu ngendaba kaKhuzani.

“Le nto eshiwo yilo muntu ukuthi ngenzelelwe ukuzifunela udumo nje ngoba vele usephuphile. Indlela asephuphe ngayo isimenza azame ngakho konke ukuthi avelele ngoba usephelelwe akukho angasakuzami,” lisho kanje.