UNOMALANGA Shozi okuthiwa bafuna ukumbuyisa kwiGagasi FM
UNOMALANGA Shozi okuthiwa bafuna ukumbuyisa kwiGagasi FM
DJ Warras
DJ Warras
SEKUVELE amagama abasakazi iGagasi FM okuthiwa lifuna ukuvala ngabo isikhala esivuleke ohlelweni lwantambama kushiya abebelwethula.

Isikhala sivuleke kushiya isigubhukane uSphectacula noNaves ohlelweni iKings Drive ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto.

Laba bobabili baqale kwiMetro FM ngoMsombuluko. Okwamanje kwiGagasi FM kubambe uDJ Sonic noNomfundo Clarissa esikhaleni sabo.

Leli phephandaba lithole ukuthi lo msakazo ufuna ukubuyisa uNomalanga “The Flame” Shozi. Kuthiwa uzobambisana noWarrick “DJ Warras” Stock ozakhele udumo ethula iLive Amp kuSABC1.

Inhloko yahlukana nesixhanti phakathi kukaNomalanga neGagasi ngoMashi wonyaka odlule emuva kokumiswa kwakhe amasonto amathathu. UWarras, oke wasakaza kwiYFM, ugcine ukusakaza kwi-5FM ashiye kuyo ngo-2016.

“Bafuna ukubuyisa uNomalanga. Abambuyise ngoba ngiyakholelwa ekutheni umuntu anikezwe ithuba lesibili. Ukahle futhi ngoba nakwithelevishini uyaziwa,” kusho umthombo weSolezwe.

Omunye umthombo nawo ukuqinisekisile ukuthi bafuna ukubuyisa uNomalanga balande noWarras.

UNomalanga unqabile ukuphawula ngesikhathi ethintwa.

“Akukho engizokusho. NgiseGoli mina ngiyaqopha,” kusho uNomalanga owenza izinhlelo zeBET Africa.

Imizamo yokuthola uWarras, odabuka eVryheid, ayiphumelelanga njengoba ucingo belungangeni.

Okhulumela iGagasi FM uKhulekani Shandu akavumanga futhi akaphikanga ebuzwa ngalolu daba. “Yinto eyaziwayo ukuthi sisezinhlelweni zokuvala isikhala esivulekile. Sikhuluma nabantu abahlukene kodwa ngeke sibasho ukuthi bangobani kuze kube siyavumelana.”