UKHONJWA emsakazweni Igagasi FM umculi waKwaZulu-Natal uMondli Ngcobo okuvela ukuthi uzokwenza uhlelo lomculo kulesi siteshi uma sekuqala unyaka omusha Isithombe: INSTAGRAM
SEZIQALILE izingxoxo ezithinta izinkontileka zabasakazi emsakazweni Igagasi FM.

Lo msakazo njalo ngenyanga kaJuni usuke umemezela izinguquko zonyaka omusha njengoba owabo bewuqala njalo ngoJuni.

Ukuhamba kukaMzokoloko oseshayela uhlelo lwantambama emsakazweni Ukhozi FM noKing Sfiso, kushiye abaphathi balo msakazo beshayana ngamakhanda.

Isolezwe like labika ukuthi ohlelweni lwasekuseni kulo msakazo, i-I Love Mornings sekuzozwakala uFelix Hlophe ozobambisana noNjabs Zwane ngemuva kokushiya kukaMzokoloko.

Umthombo weSolezwe ongaphakathi kulo msakazo uveze ukuthi uhlelo, iThe Golden Circle engena ngo-9 kuya ku-12 ngeke zibe khona izinguquku njengoba luzoqhubeka nokushayelwa uNomfundo “The Dazzling One”.

Emini kulo msakazo ohlelweni iMidday Shandis olungena ngo-12 luphele ngo-3 sekuzozwakala uHeazy, Le Soul noFlymotion.

Ntambama uSphectacular, uDJ Naves noNomfundo bazoqhubeka nokushayela iThe Kings Drive ngemuva kwezingxoxo ababe nazo nabaphathi neziholele ekutheni bangawushiyi lo msakazo.

Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni uphinde waveza ukuthi kuningi okuzoshintsha kulo msakazo, ukuze izikhala zabahambile zivaleke ngci.

“Kuzomangala iningi ngendlela izinguquko ezizokwenzeka ngayo. Kuqalile ukuhlalwa nabasakazi ukuze kukhulunywe ngekusasa labo. Leli sonto akumataswa nje ngezinkontileka kuphela kodwa futhi baphansi phezulu bayashutha izithombe ezintsha ezizosetshenziswa umsakazo,” kuchaza umthombo.

Isolezwe liphinde lahabula ukuthi Igagasi lishela umculi waseThekwini uMondli Ngcobo.

Kuthiwa uma izingxoxo zihambe kahle, uMondli owazakhela udumo ngengoma ethi, Koze Kuse uzoshayela uhlelo oluzomema abaculi ukuthi bazocula bukhoma estudiyo.

Okhulumela Igagasi FM, uKhulekani Shandu uthe, izinguquko ezizokwenzeka kulo msakazo bazozimemezela kusasa.