NGESIKHATHI kudlula emhlabeni umsunguli waMageza Amahle, uMtshengiseni ‘Indidane’ Gcwensa ngoJulayi 27, 2015 kwaba sengathi kuphelile ngaleli qembu lomculo kamaskandi. Kwavumbuka izinsizwa ezintathu uVeloh Bhengu, Tununu Biyela noNcwadi Mthembu zathi alisoze laphela leli qembu uma zona zisaphila. Njengamanje seliwole izindondo ezine futhi Ezendidane kulezi zinsuku zishisa izikhotha ngenoni elithi Game Over.
UCHARLES KHUZWAYO udlane indlebe nenduna enkulu futhi engaconsi phansi kubantu abaningi uVELOH BHENGU.
CHARLES (CK): Ngubani uVeloh Bhengu?
VELOH (VB): Amagama ami aphelele nginguSibusiso “Veloh” Bhengu. Ngingowesibili ekhaya ebantwaneni abane (abafana ababili namantombazane amabili) bakaMnuz Mlungisi Hloniphisa Dlokwakhe Bhengu noNkk Dombi Thulengazi Bhengu abadabuka esigodini sasoBhilweni eNtunjambili kodwa mina ngizalelwe eMbongolwane, esigodini sasoYaya eShowe lapho nami sengakhe khona umuzi kaDlokwakhe.
Nginengoduso enhle esengiyilobolile ngayikhehla sekusele umgcagco, uNksz K’buzakoni Ngubane waseMsinga eMabomvini. Nginabantwana abathathu abahle, inkosana uMthobisi, amawele angamantombazane uLuthando noBathandwa. Ngifunde eVulingqondo Primary, ngadlulela eMavumengwane High. Umsebenzi engiwufundele owe-Clinical Science, Health Assessment, Treatment and Care e- University of KwaZulu Natal, ngaqhubeka ngenza iHigher Certficate in Management eFoundation for Professional Development futhi kumanje ngenza iPost-Graduate Diploma in HIV/AIDS Management eStellenbosch University.
Ngisebenzela inkampani yaseBrussels iMedecins Sans Frontieres/Doctors Without Borders njengomphathi wohlelo iHigh Transmission Areas kwi-project yaseShowe/Mbongolwane.
Iphupho lami ukuba negaraji likaphethiloli.
CK: Ungene kanjani kulo mculo?
VB: Ukulandela umculo kamaskandi into engikhule ngayo ngoba ubaba ubewudlala kakhulu ngikhula kodwa ukulandela iqembu noma umculi ngiqale ngo-2005 ngaMageza Amahle ngemuva kokuzwa ingoma yawo ethi Inyoni Yami etekisini engangiyigibele ngisuka eShowe ngiya eThekwini lapho ngangitohoza khona.
CK: Njengenduna yabalandeli yiziphi izinguquko ofike nazo?
VB: Engifike ngakushintsha engiziqhenyayo ngakho yilokhu okulandelayo. Yindlela yokuxhumana kwabalandeli baMageza Amahle, ukugqugquzela ukusungulwa kwamagatsha abalandeli ezindaweni ezihlukene, ukugqugquzela ukuthengwa komculo ongungqo, ukwandisa umfaniswano wabalandeli, ukulekelela ukuxhumana phakathi kwabalandeli neqhawe, indlela noma amaqhinga okuvota kuwinwe emincintiswaneni.
CK: Ukwenza konke lokhu ubambisene nobani?
VB: Ngaphansi kobuholi bethu noTununu Biyela noNcwadi Mthembu kanti nakhu osekuzuzwe yiqhawe, ukuqala ukuhola Amageza ngo-2009, iNdidane ibinezindondo ezine zamaSatma (Best maskandi, Best composer, Best selling album ne-Song of the year), ishone isinezindondo ezingu-18, yathola ezine isishonile. Okusho ukuthi ngaphansi kobuholi bethu izuze izindondo ezingu-18 nezimoto ezimbili. Osekuzuzwe abaholi abasha baMageza Amahle uPotso noCebo izindondo ezine (Ingqwele Kamaskandi, umculi wesibili odayise kakhulu, Best newcomer, Best maskandi nokuvotelwa njengabaculi abanabalandeli abaningi kabili, Ethekwini naseMpangeni futhi kuningi okuzayo.
CK: Iyiphi imibala eniyisebenzisayo?
VB: Sisebenzisa o-lime nomnyama. O-lime sawukhethelwa yiNdidane ngoba iwuthanda yathi ifuna sibebahle sihluke ngombala ongajwayelekile sigqame, omnyama kwavota abalandeli ukuthi yimuphi ozohambiselana no-lime kube kuhle uma sikugqokile.
CK: Yiliphi igama eniteketiswa ngalo?
VB: Kusekhona iNdidane besiteketiswa ngoMshayazafe ngoba besisidedela isibhaxu sevoti kwabanye abalandeli. Njengamanje sesiteketiswa ngaBabulali Beqembu leNdidane ngoba kuthe kuhamba iqhawe kwasuka izidumo kwaqhamuka oqhibukhowe befuna ukuzothatha leli qembu sathi uma sikuphikisa lokho kwathiwa sibulala iqembu leNdidane kodwa engingathanda ukulipha abalandeli bamaGeza mina mabili: Izinunu Ezingafi noma Ikhwanibayalisikaliyamila.
CK: Kubobonke omaskandi, yini nakhetha iNdidane?
VB: INdidane sayikhetha ngoba ibicula ingadlali futhi ingaziphakamisile ibazi abalandeli ukuthi yibo abayibeka lapho ikhona, ibathanda kakhulu. Ichoma ngezinto ezikhona hhayi ngobala kanti abaholi abasha uPotso noCebo bona sibathandela ukuthi baqhuba udumo lweqembu leNdidane kanti uPotso into angichaza ngayo ukuthi akuthanga uma engena ezicathulweni zeNdidane wafuna ukuzenza yona kodwa wakhombisa ikhono lakhe eliyisimanga ebesingalazi futhi abalandeli baMageza ubathanda njengeNdidane. Akekho umculi ongama phambi kwakhe uma kuculwa bukhoma kanti nasesteji uyagida, adlale ajabulise abantu akalokhu egugumba nesiginci elokhu esikitaza ubala esixoxela imilando. Izinga lakhe lomculo lifana nentengo kagwayi notshwala lilokhu linyuke njalo alehli nhlobo. Buka nje kuloDisemba ukhiphe ingoma evimbanise yonke indawo iGame Over.
CK: Seninamagatsha amangaki?
VB: Indidane yashona sinangu-18 manje, asengu-23 nama-sub branch amahlanu aseWestern Cape, Stanger, Dundee, eThekwini, Eastern Cape, Mpumalanga, Mpangeni, Estcourt, Mandeni, Gauteng, Greytown, Eshowe, Umsinga, Ladysmith, Nquthu, Mtuba, Newcastle, Nongoma, Pietermaritzburg, South Coast, Vryheid,KwaXimba,Olundi nakwezinye izindawo.
CK: Yiluphi olunye uhlobo lomculo olukhonzile?
VB: Umculo wokholo ngiyawuthanda ngoba yiwo engidumisa ngawo ngoba umnyango wesonto ngingawazi nokuthi ubheke ngaphi, lokhu ngagcina ngisahamba nogogo ngisamnacane.
CK: Yimuphi omunye umculi omkhonzile?
VB: Ngaphandle kweqhawe lami, ngibakhonzile abaculi abaningi bakamaskandi futhi siyaxhumana nabo abaningi kodwa engimkhonze kakhulu umfowethu uMhawukeleni ngoba umele isibongo sakithi kulo mculo owasungulwa kithi umkhulu uPhuzushukela Bhengu...ha ha ha ha.
CK: Ukhonze kuphi ukudla?
VB: Ngikhonze izinhlobo ezimbili zokudla, okwasekhaya ikakhulukazi istambu, bese kuba okwasolwandle okuwufishi, calamari rings nama-prawns.
CK: Uma ungekho matasatasa, ukhonze ukuzikhiphela kuphi?
VB: Ngikhonze ukuzikhiphela ezindaweni ezinolwandle noma e-cinema nomndeni wami, ngijwayele ukuya eRichards Bay.
CK: Likhona iqembu lebhola ongumlandeli walo?
VB: NgiyiBhakabhaka for life
CK: Yiluphi uhlelo lweTV olukhonzile?
VB: Isibaya neThe Queen
CK: Uma kungathiwa qoka induna yabalandeli engaba yinkosi yazo zonke, ungahamba nayiphi?
VB: Ngingakhetha uTununu umfokaBiyela ngoba ngiyawazi amagalelo akhe futhi unobuchule obukhulu bese mina noNcwadi sibe ngamaphini akhe. Uma kuphuma uTununu bese ngikhetha uNcwadi.