Ezokungcebeleka

Ifike kwazwakala intokazi yakwaMkhize koweBasketball

Nonkululeko Nhlapo|Updated

Ubonakale econsa uMaMkhize emdlalweni weBasketball ePitoli

Image: Instagram

NoKujabule abaningi bebona Intokazi yakuleli engusomabhizinisi ophinde abe isihlabani sikamabonakude, uShauwn “MaMkhize” Mkhize, obonakale emdlalweni wamanqamu weBasketball Africa League (BAL), obubanjelwe eSunBet Arena, eTime Square ePitoli ngoMgqibelo, 14 Juni.

Le ntokazi edume ngesitayela nefeshini ebizayo, akaphoxanga kulokhu eshaywa ngekepisi le-Gucci, ijazi le-mink elingaphezulu phezulu, ne-jean namabhuzu amade. UMaMkhize ubehleli phambili enkundleni ewubukela eduze umdlalo.

Lokhu kuwukuvela kwakhe kokuqala emphakathini ngemuva kokunyamalala isikhathi eside esabhekene nenkinga yezomthetho nezezimali ezisukela esikweletini sentela sika-R40 million sabakwaSouth African Revenue Service (SARS).

Ubemuhle econsa uMaMkhize

Image: Instagram

NgoNovemba 2024, abakwaSARS bagasela emzini wakhe bashaqa izinto eziningi okubalwa kuzo izimoto zikanokusho zikaMaMkhize eThekwini naseGoli, okubikwa ukuthi zibiza ngaphezu kuka-R100 million.

Ekuqaleni kuka-2025, ikilabhu yakhe yebhola iRoyal AM yafakwa ngaphansi komqaphi, yathengiswa endalini, futhi ekugcineni yaxoshwa kuPremier Soccer League (PSL).

Ibonakale okokuqala ngemuva kwesikhathi eside Intokazi yaKwaMkhize koweBasketball ePitoli

Image: Instagram