UKUNTULA imali yokuhamba kungase kuphazamise ingqayizivele yethuba leqembu lobuciko laseMkhumbane, eChesterville, iProspa Youth Empowerment lokuyomela iNingizimu Afrika e-United Kingdom.
Leli qembu bekumele lihambe ngoSepthemba 10 kodwa imali ayikahlangani kahle.
Iqembu linamalungu angu-36 kanti lenza ubuciko bokudansa, ukucula nemidlalo yeshashalazi.
Umqondisi uMakhosazana Qabathule, uthe njengoba kuyinyanga yamagugu, bathole ithuba lokuyochitha izinsuku ezingu-30 e-United Kingdom lapho beyokhombisa khona ngobuciko baseNingizimu Afrika.
“Njengoba siya eLondon sizobe sihamba ngokomculo nangokomdanso lapho sizonandisa khona ezindaweni ezahlukene,” kusho uMakhosazana.
Uthe ngeke kuhambe wonke amalungu eqembu kodwa kuzohamba ayisikhombisa.
“Bekumele sihambe ngomhlaka-10 kodwa manje sesizohamba ngomhlaka-24. Sicela uxhaso kubantu ngoba abasimemile bazosinikeza imali yokudla nendawo yokuhlala lapho siya khona hhayi imali yokugibela. Silokhu singqongqoza emahhovisi kaMasipala weTheku ukuthi basixhase kodwa siyacela nanoma ubani ongakwazi ukuthi asilekelele,” kusho yena.
Iqembu libunjwe ngasekuqaleni konyaka odlule kanti amalungu amathathu alo asephuma e-Europe lapho ayeyothekela khona ulwazi ngomsebenzi iqembu eliwenzayo.
Amalungu ayisikhombisa azohamba nguGugulethu Mtshengu, Ntokozo Bengu, Makhosazana, Sizwe Mkhize, Xolani Ndimande, Skhumbuzo Zulu noNondumiso Buthelezi.
Imali abayidingayo ilinganiselwa kuR120 000.