BAZITIKE ngomculo wezihlabani eziqopha esitebeleni i-Afrotainment abantu bakuleli abahlala emadolobheni amakhulu njengoba kusuka ngoLwesihlanu lesi sitebele besinomcimbi owaziwa nge-Afro Tour.
Umcimbi oqale ngoLwesihlanu endaweni yobumnandi eGoli, iTaboo, udlulele eKapa eChippas Place ngoMgqibelo wavalwa eMlaza Eyadini izolo.
UDJ Tira ekhuluma neSolezwe, uthe inhloso yabo ngale micimbi bekuwukujabulisa abantu ngomculo wezihlabani ezingaphansi kwalesi sitebele.
“Abaculi abaningi e-Afro banezingoma ezintsha engingangabazi ukuthi abantu bazozithanda. Yingakho sibone kungcono ukuthi sihambele amadolobha ahlukene sijabulisa abantu abathanda abaculi base-Afro,” kuchaza uTira.
Uthe okunye ngukubakhumbuza ngomcimbi omkhulu wamahhashi oba seThekwini iDurban July, lapho beba nomcimbi ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium.
DISTRUCTION Boyz
“Siba netende elisuke limumethe ubumnandi bodwa bese sivala ngedili lomcimbi omkhulu okungenye yezinto esihamba sinxusa abantu ukuthi babe yingxenye yayo.”
Uthe kodwa okubaluleke kakhulu ukunxusa abantu ukuthi baphephe kuzona zonke izinto abazenzayo.
DLADLA Mshunqisi
“Siyabatshela ukuthi kuyona yonke imicimbi ababa yingxenye yayo ukuphepha kuhamba phambili siphinde sibonane futhi sijabulile,” kusho uTira.
Kule micimbi kunandise abaculi okubalwa uTipcee, Zodwa Wabantu, Distruction Boyz, DJ Sox, DJ Cyndo, Naak Musiq nabanye.
DJ TIRA