IMBONGI yaseNanda, eThekwini uZamo Cofi (22), inxuse abantu baKwaZulu-Natal ukuthi baphume ngobuningi bayoyeseka njengoba izoba nomcimbi wayo la izojabulisa khona abantu ngezinkondlo zayo ezibhalele zona.
UZamo uzoba nomcimbi obizwa ngokuthi Phind’ Ubhale Cofi, ozoba seBat Centre eThekwini ngo-Ephreli 6.
Ukukhula engazi ukuthi yini azoyenza uma eqeda isikole, nokusondelana nababhali bezinkondlo yikhona okwamenza wacacelwa yinto anothando lwayo.
Ekhuluma ngalo mcimbi, uZamo uthe kube isinqumo esingelula kodwa obekumele asithathe.
“Ukuhlela umcimbi yinto engelula kodwa ngenxa yothando enginalo ngezinkondlo ngibone kungcono ukuthi ngijabulise abantu ngezinkondlo zami abaningi asebengazi ngazo,” kusho uZamo.
Uthe kulo mcimbi abantu bazojabulela izinkondlo zakhe ezindala nezintsha azilungiselele abazoba bekhona.
“Ngizobe ngihambisana nabafowethu abakulo mkhakha wezinkondlo abaziwa ngokuthi, Amaroto. Uzobe ekhona noGubhela naye ozojabulisa abantu kulo mcimbi,” kuchaza yena.
UZamo uthe amathikithi alo mcimbi ayatholakala eComputicket.
Uthe lo mcimbi uyoqala ngehora lokuqala emini uphele ngelesihlanu, ucele abantu ukuthi bagcine isikhathi.