IBHUNTSHILE imashi obekuhlelwe ukuthi ibhikishele ukufakwa amasondo kukaNgizwe Mchunu emsakazweni Ukhozi FM. Bekuhlelwe ukuthi isuke epaki iKing Dinuzulu ngo-8 ekuseni ngoMgqibelo iphelele emahhovisi eSABC eThekwini. Igcine iphelele eGugu Dlamini Park ihanjelwe abantu abalinganiselwa ku-15. Emahhovisi eSABC bekuvalwe amasango kungavumeleke muntu ukuthi angene, kanti nangaphakathi emsakazweni kuthiwa abasebenzi bebelokhu beyibheke ngabomvu imashi kaNgizwe, kodwa kwagcina kungafikanga muntu.
Okugcine kuvelile ukuthi idlanzana labantu elingeqile kwabangu-15 ebelibukeka lizipholele ngaphansi kwesihlahla eGugu Dlamini Park, eThekwini, yilona ebelize emashini.
Umgqugquzeli wayo u-Otto Mchunu uthe, banqatsheliwe ukuthi beze eduze kwaseSABC ngenxa yokuthi iyisikhungo sezwe esibalulekile. “Amaphoyisa asitshele ukuthi incwadi yemashi esinayo ayisivumeli ukuthi sisondele emahhovisi eSABC. Kuthiwe asigcine eGugu Dlamini Park ngoba uma siqhubeka sizobe sesephula umthetho."
IDLANZANA labantu okuthiwa bebeze emashini yokubuyisela uNgizwe Mchunu emsakazweni Ukhozi FM
Uthe uNgizwe ubengeyona ingxenye yemashi kodwa bekungabantu abazwelana naye abebemasha. Uthe ukhona owaseSABC ofikile kubona eGugu Dlamini Park ezothatha incwadi yezikhalo ngokuxoshwa kukaNgizwe emsakazweni, kodwa akasakhumbuli kahle ukuthi ungubani. Uthe bebelindele abantu abangaphezu kuka-1 000 kodwa abebekhona ubalinganisele ku-100. Akakuphikisanga futhi ukuthi bebelinganiselwa ku-15.