MANINGI amagama ongawasebenzisa ukuchaza uSimangele “Sma” Mathibeli.
Ungusomabhizinisi, umlingisi futhi ungumdidiyeli wezihlelo zomsakazo.
“Umama watshala imbewu yokuthi ngingabavumeli abantu ukuthi bangitshele ukuthi ngibe wubani kunalokho kumele ngibe wumuntu engiwuye. Njengegama lami uSimangele, ngizolokhu ngimangaza abantu ngokuthi yini engingakwazi ukuyenza nokuyizuza,” kusho uSma.
Le ntokazi izalelwe eDiepkloof, eSoweto, yakhuliswa wuninakhulu, unina noyisekazi. Uthe laba besifazane babenganqeni ukusho abakucabangayo ngisho lokho kuyinto eyayingababangela isigcwagcwa kwabanye.
USma uthe nguye yedwa intombazane kubo. Uzalwa nezinsizwa ezimbili ezingafuni lutho ngaye.
“Ukukhula kwami kwakungahlukile kunezinye izingane zaselokishini ezazicabanga ukuthi indlala yinto eyejwayelekile kuze kube ngiyahlakanipha.”
Uthe kusuka ekhula wayazi ukuthi uhlukile kunabanye ngendlela ayecabanga ngayo.
“Angicabangi ukuthi kukhona umuntu ongafunda ukukwazi ukuqhamuka nezinto ezintsha, ngazalwa nginje kodwa ngase ngithola olunye ulwazi ukuthuthukisa ithalente lami.”
Le ntokazi izakhele udumo njengomlingisi ngesikhathi idlala indawo kaNomsa kwiYizo Yizo. Eminye imidlalo eke yadlala kuyo yiScandal! Gaz’lam neZone 14 kuSABC 1 lapho ayelingisa khona indawo kaMadi.
Ngaleso sikhathi wayengumdidiyeli omkhulu wezinhlelo zeGagasi FM iMidday Madness ne-Afternoon Show-off.
Ngo-2011 ujoyine Ukhozi FM njengomdidiyeli wohlelo lwasekuseni iVuka Mzansi eyayenziwa nguLinda “Mr Magic” Sibiya ngaleso sikhathi. Wajoyina ngemuva kokuthi owayeyididiyela uZandile Tembe wathola isikhundla sokuba wumphathi wezinhlelo.
Kulo nyaka ushiyile kulo msakazo esedidiyela uhlelo lwantambama iWoza Nabangani Bakho noS’giya Ngengoma.
“Uthando enginalo lwalezo zinto aluchazeki. Angikaze ngiyishiye ithelevishini noma umsakazo kodwa ngasula enkampanini ethile ukuze ngikhule. Njengamanje ngisazibuza ngiziphendula ukuthi ngisazobuyela yini? Impilo yami ayinamingcele futhi uma ngicabanga ukuthi yini okusamele ngiyenze namathuba okuba wusomabhizinisi ovelele okumele ngibe wuye kuyangijabulisa.”
USma uyisikhulu esiphezulu enkampanini yakhe nomyeni wakhe uCalvin Mathibeli, iCalvin and Family Group enoxhaxha lwezinkampani ngaphansi kwayo. Uphinde abe ngumnikazi wendawo yokudla i-Unique Lifestyle Cafe, eMhlanga.
Uthe kusuka kudala wayekholwa wukuthi kumele abe nezindlela ezahlukene zokungenisa imali.
“Ngake ngabamba itoho isikhathi eside futhi kwakungekho engingakwenza ngaphandle kokuthi ngenze iqhinga lokuthi ngizoyandisa kanjani imali engiyenzayo. Lokho kwaholela ekutheni ngivule inkampani yezokuxhumana nokumaketha ngesikhathi ngiyitoho eSABC nakwezinye izinkampani.”
Empilweni usezuze lukhulu okuhlanganisa nokuwola izindondo ngokuba wumdidiyeli ovelele.
Uthe okumgqugquzelayo wukuthi uyazi ukuthi kumele abe owesifazane onjani - ophumelele futhi onamandla.
USma uzobe eyisikhulumi esiqavile emcimbini weSolezwe Intandokazi Womens Club ozoba seCoastlands Hotel, eMhlanga. Uhlelo luzobe luphethwe nguDudu “Lady D” Khoza. Kuzobe kunandisa uDJ Happy Gal noDJ Cndo.
“Ngiwumuntu othanda ukubona abesifazane bethuthuka hhayi kuphela ebhizinisini noma ehhovisi kodwa njengomuntu uqobo.”
Intandokazi inikeza ithuba abesifazane abaningi ukuthi bathuthukiswe ngabesifazane abangabaholi abaxoxa ngezinto asebedlule kuzo ezibalulekile kubo kusuka ebhizinisini nokunye.”
Uphethe ngokululeka abesifazane ngokuthi: “Awuvotelwanga ukuze uzalwe. Wadalwa nguNkulunkulu ngenxa yesizathu, ngakho thola isizathu owazalelwa sona.”