INKAMPANI yokuqopha iTS Records ithi konke okuthinta umculo kaLinda “Pro” Mkhize (37), obekungakuyo kuzoyiswa emndenini.
Lokhu kushiwo umrepha uSlikour, enkonzweni yomngcwabo kaPro owayedume ngelikaProkid, ebiseNyuvesi yaseJohannesburg, ekhampasini yaseSoweto. Ungcwatshwe emathuneni amaqhawe eWestpark, eGoli.
USlikour uthe okwenziwe yisitebele kumele kube yisibonelo nakwezinye eziqopha abaculi.
“Siyazi ukuthi uPro wake wasayina ngaphansi kwesitebele iGallo Records, siyathemba ukuthi izokubona okwenziwe iTS Records bese yenza okufanayo. Manje umuntu okumele simcabangele uNkanyezi okuyindodakazi kaPro esencane edinga ukukhuliswa,” kusho uSlikour.
Uthe njengoba bezoba nomcimbi wokuhlonipha leli qhawe yonke imali abazoyithola izoya esikhwameni esizosiza ezidingweni zendodakazi kaPro.
Kulo mngcwabo oqale ngehora lesishagalombili ekuseni izikhulumi zibabaze igalelo lalo mrepha ekuthuthukiseni i-hip hop, esebenzisa ulimi lwaselokishini.
UThembinkosi ‘’TK’’ Nciza ongumphathi weTS Records uthe bakuthokozele ukusebenza nalo mculi owafika nento engajwayelekile.
“Abantu abaningi ayeseqale kubo ngomculo wakhe abayithandanga indlela acula ngayo. Kodwa ngesikhathi efika kithi sabona ithalente futhi saqopha umlando naye,” kusho uTK.
Uthe kuye uPro uyohlala eyinkosi ye-hip hop.
UDJ Sbu naye owasebenza noPro, uthe lo mrepha wenze izinto eziningi ezinhle, kubantu akade ekhula nabo abasizile bangena emculweni.
“Ubezama ukwenza izinto ezihlukene ukuze akwazi ukuphila. Uxhaso akalutholanga kahle ngesikhathi eqala ukudayisa izimpahla ezibhalwe ukuthi Dankie San, ukube kwahamba kahle ngabe ushone ekude empilweni,” kuchaza uDJ Sbu.
Umndeni walo mculi ubonge uxhaso oluthole kubantu kuleli kusukela kwashona lo mculi.
Umfowabo kaPro, uSandile Mkhize uhluleke nawukuzibamba izinyembezi. Uthe akukholakali ukuthi umfowabo udlulile emhlabeni.
Emngcwabeni kaPro uhlelo beluphethwe uKabelo Mabalane noPenny Lebyane.
Kuwo kubonakale omrepha abahlukene okukhona kubo uReason, HHP, Kwesta, Cassper Nyovest nabanye.
Kulo nyaka elakuleli selilahlekelwe amaciko asemancane amaningi okukhona kuwo * -Akhumzi Jezile, Siyasanga Kobese, noSir Bubzini oshone ngoLwesihlanu ngemuva kokuphathwa yisifo somdlavuza wegazi namanye.