KUSUKELA ngesonto elizayo kuzobonakala izithandani ezintsha - uThabiso noSiyanda - uma umdlalo iThe Queen iqala ukuthula abalingisi abasha.
Intokazi elokhu ingena kancane ekulingiseni, uCindy Mahlangu, obelingisa indawo kaDumazile emdlalweni iThe Herd, ngomunye wabalingisi abazobonakala kwiThe Queen.
Kuyona uzobe elingisa indawo kaSiyanda oyintombazane ekhulele elokishini engumngani kaMartha (Khayakazi Kula).
U-Emma Ngomane, weMzansi Magic, uthe uSiyanda unamaphupho okuba ngumuntu omkhulu ngelinye ilanga futhi ufuna ukuphuma elokishini iTembisa akhule kulo.
“Le ntokazi yinhle kodwa ayifundanga ngokwanele. Ukungaqedi kwayo isikole yingoba yakhulelwa ingane kaThabiso owagcina ehambe nayo wayosebenza endaweni yobumnandi phesheya kwezilwandle. USiyanda uzama ukuzenza umuntu onolwazi ngemfashini nophinde abe nolwazi ngesiko futhi uhlale efuna ukubonakala sengathi wazi konke,” kuchaza u-Emma.
CINDY Mahlangu
Uthe omunye umlingisi omusha, insizwa eyigeza, uJoe Kazadi, ozobe elingisa indawo kaThabiso.
“Ukhule elokishini, muhle unomoya olungile futhi uyathanda ukubona abantu bejabule, unamahlaya. Uthanda wonke umuntu akhule naye. Ungumuntu ozifelayo ngebhola kusukela esemncane ebukela kuLucas Radebe,” kusho u-Emma.
Akubona kuphela abazofika. Intokazi eyaduma emdlalweni uMuvhango, uSindi Dlathu, ezobonakala izinsuku ezimbalwa.
Kuwo uzobe ebizwa ngegama likaLindiwe Dikana naziwa ngalo emdlalweni iThe River ku-1Magic (103).
Uzofika azofuna usizo kuHarriet Khoza, umngane wakhe.
Uthe bobabili uHarriet noLindiwe banezinkinga empilweni yabo kodwa banethemba ukuthi bazozixazulula uma behlangene.