BAZOZITIKA ngedili lomculo kaHHP abantu bakuleli njengoba isiteshi sethelevishini uSABC2, sizohlonipha leli qhawe ohlelweni i-Afro Cafe.
Lolu hlelo luzokhonjiswa namhlanje ngo-10, ebusuku kuSABC2.
Kulolu hlelo kuzodlalwa umculo walesi sihlabani esidlule emhlabeni ngoLwesithathu olwedlule, ngemuva kokuhlaselwa isifo sokhwantalala.
ULebo Malete wakwaSABC 2, uthe lolu kuzobe kuwuhlelo olukhethekile kubo njengesiteshi nabahlonipha ngalo leli qhawe.
“Abantu bangalinge baphuthwe ilesi siqephu esizobakhumbuza le nsizwa la isuka khona endimeni yomculo. Kuzobonakala izinto eziningi azobe ekhuluma ngazo nomsuka wokuthi yini ngempela eyamholela ekutheni angene emculweni we-hip hop, abaculi abaningi baseNorth West asebengene kuwo shi,” kuchaza uLebo.
Uthe akekho ongazi kuthi le nsizwa yaba ngomunye wabaculi abaliqhakambise kakhulu lolu hlobo lomculo, nokumanje liyahlonishwa emazweni omhlaba.
“Ngeke sibonge kuphela umculo asinike wona uJabba kodwa nempilo yakhe izokhunjulwa kulolu hlelo ngezindlela ezihlukene. Ababukeli ngeke baze bazisole ngokuthatha isikhathi sabo bahloniphe nathi njengesiteshi leli qhawe,” kuchaza yena.
Ngemuva kokudlula kwale nsizwa iziteshi eziningi zomculo zihloniphe leli qhawe ngokudlala izingoma zalo ezihlukene.
Iziteshi okukhona kuzo iTrace, MTV Base, Mzansi Music neChannel O, ngempelasonto esisuka kuyo bezibusisa abantu bakuleli ngomculo waleli qhawe.
Izingoma ebezikhonjiswa ezakhe uHHP nezinye ayepikwa kuzo abaculi abahlukene bakuleli.
Le nsizwa izongcwatshwa ngoMgqibelo eMmabatho, eMahikeng.
Izolo bekunenkonzo yesikhumbuzo eNewtown Music Factory, eGoli.
Kusasa kuzoba nenye eMmabatho Convention Centre ngo-12 emini.
Umndeni kaHHP, ubonge kakhulu ukwesekwa nothando olutholayo.
Uthe abazobhonga emswaneni bavumelekile ukuya emkhulekweni wansukuzonke okubo kwalo mculi
eMahikeng ngo-6 ntambama.