I-SABC isiqale uphenyo ngenkulumo kaPhat Joe ebinokucwasa abobulili obufanayo ayisho ngoLwesithathu ohlelweni lwakhe lasekuseni iPhat Joe and the Family emsakazweni iRadio 2000.
Okhulumela iSABC uNksz Vuyo Mthembu ukuqinisekisile ukuthi iSABC iyalwazi loludaba kanti isiqale uphenyo.
UJoe ubengekho namhlanje ekuseni emsakazweni kanti lokhu sekushiye imibuzo eminingi kubalandeli bakhe mayelana nekusasa lakhe kulomsakazo.
Looks like Phat Joe is now suspended from Radio 2000 breakfast show, following his anti-gay outburst during yesterday's show.
— Thami Masemola (@ThamiMasemola) July 11, 2019
Aaai you guys. Now I’m stupid and brainless? Go get worked up on your own. FYI I’m not defending homophobia, I’m against bullying of varying opinions. I deleted the tweet because you guys are so willing to misunderstand a person.
— Sema (@semakalengm) July 11, 2019
Izikhalo ngoPhat Joe zisuswe yinkulumo yakhe echaza indlela azizwa ngayo ngalabo abathandana nobulili obufanayo.
"Angiqondi ukuthi kungani bona (izitabane) behluleka ukwamukela ukuthi kunzima kubantu abaningi ukwamukela indlela abaphila ngayo."
Ubekusho lokhu phakathi kokutshela abalaleli indlela "ekumunyanyisa" ngayo "ukufunwa umuntu oyisitabane".
Le nkulumo ayehlanga kahle kubalaleli baloluhlelo nokuze kwaholela ekutheni bazwakalise ukungenami kwabo enkundleni yokuxhumna uTwitter.
I am not intentionally missing a point. I adore Phat Joe, but he missed it here. Just as much as some white ppl who will feel disgusted about everything black. That same anger you feel when you come across a racist it’s the same rage when a gay person comes across a homophobe!
— Sibusiso Ngobeni (@SbuMV) July 10, 2019
I don't like people like Phat Joe who don't show their true colours if you can't stand gay people stay out o our faces and we will do the same finish and klaar
— Bathandwa Same (@BathandwaSame) July 10, 2019