UMDLALO owuchungechunge iGenerations: The Legacy ihlabane ngentandokazi yomlingisi esizakhele udumo kuleli, uThuso Mbedu, okulindeleke ukuthi iqale ukuqopha kuyo maduze.
UThuso uzakhele olukhulu ugazi elingisa indawo kaWinnie, emdlalweni Is’thunzi, kuMzansi Magic, edlala enye yezindawo ezihamba phambili.
Le ntokazi kuthe ngempelasonto emcimbini wamaSafta, eSun City, yahlabana ngendondo yomlingisi wesifazane ohamba phambili emidlalweni yakuleli, ngayo indawo kaWinnie.
UGaaratwe Mokhethi okhulumela iGenerations uthe, le ntokazi ayikaqali uqopha kulo mdlalo kodwa isiyingxenye yawo.
“Konke sekuqediwe okuthinta ukuba yingxenye yalo mdlalo. Okwamanje ngeke ngisho ukuthi uzodlala yiphi indawo nokuthi uzoba yingxenye yamuphi umndeni njengoba engakaqali nokuqopha,” kusho uGaaratwe.
Uthe bajabule ngokuthi le ntokazi izobamba iqhaza kwiGenerations njengoba engekho ongazi ukuthi inamava ekulingiseni futhi ithandwa ngabaningi.
“Siyathemba ukuthi abantu bazokujabulela ukubona indawo azoyilingisa, esingangabazi ukuthi izoshisa izikhotha futhi izothandwa abaningi,” kuchaza uGaaratwe.
UThuso ujoyina lo mdlalo nje kusanda kushiya kuwo ontanga yakhe, okuphele izindawo abebezilingisa, uThuli Phongolo no-Andisiwe Dwebe.
Imizamo yokuthola uThuso ukuzwa uvo lwakhe ngokujoyina kwakhe lo mdlalo ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Kodwa enkudleni yokuxhumana iTwitter ubhale ukuthi: “Akuqhutshekwe kusetshenzwe.”