Ifilimu:
First Man Umqondisi:
Damien Chazelle
(wenze i Lala Land).
Abalingisi abaqavile:
Ryan
Gosling (Neil Amstrong); Claire
Foy (Janet Armstrong); Jason
Clarke; Kyle Chandler; Corey
Stoll; Patrick Fugit; Christopher
Abbott
Uhlobo lwefilimu:
Iqophamlando eliqukethe idrama
Isikhathi:
2h 13m
Iminyaka:
PG-13
Umhlaziyi:
MALIBONGWE MDLETSHE
Iphume ngo-Okthoba 26
emabhayisikobho aseMzansi
KWESINYE isikhathi uke
uzitshele ukuthi into uyayazi kanti
cha akunjalo, awuyazi kodwa
unolwazi ngayo.
Lokhu kungenzeka kukufikele
ngasekupheleni kwamahora
amabili nangaphezulu ozowahlala
ebhayisikobho uma usuyobuka
iFirst Man.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/FirstMan?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#FirstManis in theaters and IMAX now. Get tickets: https://t.co/CpSwblfVEU pic.twitter.com/VC60Uktl4n
— First Man (@FirstManMovie)
Ifilimu ikhuluma ngomlando
owaqoshwa nguNeil Armstrong,
eba ngumuntu wokuqala
ukunyathela enyangeni.
Uma ungumuntu othanda
umlando ngomhlaba, ukwazi
ngezinto ezithinta umhlaba noma
nje usemkhakheni wezokundiza,
ngeke uwezwe nokuthi ashonephi
lawo mahora amabili.
Nami angiwezwanga
ngaphandle nje kokuphazanyiswa
uphathina ebengihambe naye kule
filimu.
Ungakhathazeki, unkabi azwele
kuye amahora amabili ngoba
akayena umuntu okhathalele
umlando womhlaba kodwa uyile
nhlobo ezifela ngoMadea kaTyler
Perry.
Asibuyele kwiFirst
Man. Ikhuluma ngesihloko
osekunesikhathi ngizitshela
ukuthi ngiyasazi kodwa ngiqondile
ukuthi yisihloko enginolwazi
ngaso.
Bengazi ukuthi uNeil
Armstrong (odlalwa kahle
nguRyan Gosling), waba
ngowokuqala wasemhlabeni
ukufika enyangeni kodwa
bengingazi ukuthi wayehamba
nobani.
UNEIL Armstrong kwakuyindoda yomuzi eganiwe inonkosikazi, uJanet, esivamise ukungakhulumi ngaye emlandweni
Bengingazi ukuthi kwamthatha
iminyaka ewu-10 nethimba
leNasa belungiselela uhambo
oluyingqophamlando.
Okuhle okwenziwe nguDamien
Chazelle, oqondisa ifilimu,
wukusinika uhlangothi cishe
sonke esingakaze sikukhuthalele
ukuluqonda.
Lolo nguNeil Armstrong
hhayi i-astronaut kodwa uNeil
Armstrong umuntu, ubaba
nendoda yomuzi wayo.
Uzomangala ukubona izinto
adlule kuzo u-Armstrong
ngaphambi kokuthathe abeke
i-Apollo 11 enyangeni ngo-1969.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/FirstMan?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#FirstManis now playing in theaters and IMAX. Get tickets now: https://t.co/CpSwbkYkgk pic.twitter.com/YeXt8E456c
— First Man (@FirstManMovie)
Uma ubuvele usithanda
isifundo ngempilo ka-Arsmtrong,
uzomangazwa yizinselelo
abhekane nazo ekhaya, empilweni
nasemsebenzini.
URYAN Gosling indlela adlala ngayo uNeil Armstrong ngenye yezinto ongayela ukuyozibona kwiFirst Man
Uzothola nesifundo esimqoka
empilweni, ukuphokophelela
entweni ethile empilweni
kumnyama kubomvu.
-@malbingo