IQEMBU elihlonishwayo, iLadysmith Black Mambazo Isithombe: FACEBOOK
IQEMBU iLadysmith Black Mambazo lithi likuyekele emphakathini ukuthi kube yiwo ophakamisa ukuthi indawo iLadysmith iqanjwe ngomsunguli wayo ongasekho, uJoseph Shabalala.
UMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ubambisene neKwaZulu-Natal Provincial Geographic Names Committee uvulele abantu ukuthi bakhethe amagama okuzoqanjwa ngawo le ndawo ungakashayi uDisemba 1.
Amagama aphakanyisiwe wukuthi kuqhubeke kube yiseLadysmith, noma eMnambithi kodwa kwathiwa ezinye iziphakamiso zizokwamukelwa.
Okhulumela iBlack Mambazo, uXolani Majozi uthe bazwile ukuthi kunabafuna le ndawo iqanjwe ngoShabalala, okuyinto athe bayizwa lungakaqali nalolu hlelo.
“Thina sikhethe ukuthi singakukhankaseli ukuthi kuqanjwe ngobaba uShabalala kodwa sikuyekele emphakathini ukuthi kube yiwo ozikhethelayo. Siyokwamukela okuphakanyiswa ngabantu,” kusho uMajozi.
Uthe noma ngabe igama lendawo liyashintshwa ibizwa nganoma yiliphi igama kodwa eleqembu liyohlala limile.
“Ngeke kusiphazamise noma kungaba uMnambithi, elethu ngeke lishintshe. Igama leqembu laziwa ngalo ngeke uzwe sekuthiwa yiMnambithi Black Mambazo noma iJoseph Shabalala Black Mambazo. Igama linomlando, akuyona into ongavele uyishintshe nje.”
Uthe njengamanje balungisela umzuliswano wokugcina womcimbi iLadysmith Black Mambazo Legacy Tour, ongoDisemba 15 eState Theatre, ePitoli.
Umjikelezo uqale eGoli wadlulela eThekwini futhi ngenyanga edlule ubuseKapa.
“Sihamba nabaculi esabavumbulula kwiLadysmith Black Mambazo Mobile Academy. Kukhona iqembu esalithola eKapa okuthiwa Abantakwethu esizobe sinalo. Lolu hlelo lokuhambela izindawo sifundise ngomculo wesintu futhi sivumbulule ikhono, lusazoqhubeka kuze kuba sakha isikhungo eMnambithi,” kuchaza uMajozi.
Uthe ngoFebhuwari bazoba nomjikelezo ozohambela e-United States of America kuze kube wu-Ephreli.
Kungenzeka babuye eMelika sebephethe nendondo yama-Oscars njengoba ifilimu ekhuluma ngoShabalala, iMusic is My Life – Joseph Shabalala and Ladysmith Black Mambazo, ithunyelwe yaba wumngenelo wakuleli emiklomelweni.
Umcimbi wezindondo zama-Oscars, okuzoba ngaka-96 ekhona, uzosingathwa ngoMashi 10, 2024, eDolby Theatre, eHollywood.