IZIPHATHIMANDLA zesikhungo sokuthuthukisa amaciko eThekwini, iBat Centre, zithe ingqinamba enkulu ebhekene nesikhungo wukuntula imali.
UVusi Ntuli, ongumphathi wezimali kulesi sikhungo esineminyaka sikhona, uthe ayenele imali abayitholayo.
“Sithola uxhaso lwezinhlelo esizenzayo kuphela hhayi awokulawula isikhungo sonke,” kusho yena.
Uthe babejwayele ukuba nomcimbi, iSunday Jazz kodwa yagcina ihoxile ngenxa yokuntula imali.
“Yayinikeza ithuba abaculi abasafufusa. Yayixhaswa wuMasipala weTheku kodwa akusiyo inkinga ebhekene nathi kuphela. Izikhungo eziningi zezobuciko azilutholanga uxhaso. Siwumisile lo mcimbi ngonyaka odlule ngenxa yoxhaso ebesiluthola kule minyaka engu-15 eyedlule,” kusho yena.
Uthe bebethola uR1 060 000 ngonyaka bese bekhokhela abaculi imali ephakathi kukaR6 000 kuya kuR7 000.
“Abaculi abaningi bashayekile ngoba bebethembele kuyona le mali.”
Uthe izikhungo zezobuciko azilutholi uxhaso eziludingayo. Uthe kuke kwenzeke kuphele izinyanga abasebenzi bengaholanga.
Uveze ukuthi lesi sikhungo sisiza nezinye ezingaphandle kwaseThekwini. Uthe baba nabafundi abangathathwa emanyuvesi ababaqeqesha unyaka ngaphambi kokuthi bathathwe emanyuvesi.
“Kwesinye isikhathi izinhlelo zethu siziqala ngaphandle kokuthola uxhaso bese sithatha imali yezinye ukuphesha. Sisebenza kanzima kodwa izikhungo zobuciko azinakekelwa ngendlela,” kuchaza uVusi.
Uthe balahlekelwa ngabantu abanethalente ngenxa yendlela abaholela ngayo.
Uthe imali abaqashisa ngayo isikhungo ayenele ngoba bakhokhela ngayo ugesi namanzi nezinye izindleko.
UVusi ubekhuluma nabaholi beDA abebekulesi sikhungo beyobheka ukusebenza kwaso. Bekukhona amalungu ePhalemende uPhumzile Van Damme noHaniff Hoosen, ilungu leSishayamthetho saKwaZulu-Natal uHlanganani Gumbi nomholi weqembu emkhandlwini weTheku uNicole Graham.
UPhumzile ubonge lesi sikhungo ngokunikeza abantu abasha amathuba.
“Siyagqugquzela ukuthi uhulumeni uqhubeke nokuseka izikhungo ezinje. Ziyayidinga imali futhi nezinkampani ezizimele kumele zixhase. Kumele senze isiqiniseko sokuthi sibhekana nokungasebenzi kwabantu abasha.”
Bathembise ukuthi izikhalo zaseBat Centre bazozidlulisela ezinhlakeni ezifanele zikahulumeni.