UMNDENI wesihlabani somculo wokholo, esidlule emhlabeni ngoJanuwari, ufisa sengathi ngabe sisekhona ukuze sijabulele ukuphuma kwe-albhamu yaso entsha ekupheleni kwale nyanga.
Lokhu kuvezwe yimenenja kaLundi Tyamara, * -Anele Hlazo, ngesitatimende ebesichaza
nge-albhamu kaLundi enezingoma ezine ezintsha. Kukhona nezindala njengoba edlule emhlabeni esaqopha.
U-Anele uthe umndeni uyazama ukwamukela ukuphila ngaphandle kukaLundi.
“Nami ngiyafisa ukube ukhona ukuze abone i-albhamu yakhe isiphuma. Ngiyethemba abantu bazoyithokozela. Kade ngikhuluma nomfowabo omncane uSiyabonga sixoxa ngokuthi emndenini kuhamba kanjani wangitshela ukuthi yize kunzima kodwa bayazama ukudlulisa,” kusho * -Anele.
Uthe ku-albhamu iLegacy yila beyohlale bezwa khona izwi likaLundi ngoba iqukethe izingoma aziqophe esezoshona.
“Ifa likaLundi leli agcine ngalo emhlabeni. Le albhamu inezingoma ezingu-18 kuzona ezine zintsha azikaze zizwakale njengoba uLundi edlule emhlabeni esaqopha,” kuchaza yena.
Uthe ingoma yokuqala kule albhamu ethi Nomakwenzenkani, ayicula noFikile Mlomo, bayiqopha ngo-Okthoba ngonyaka odlule.
“Le ngoma ikhuluma ngezinto ebezenzeka ngempela empilweni yalo mculi. Kukhona ivesi elithi Noma kwenzekani empilweni yami, ngiyohlala nginawe,” kuchaza yena.
Kukhona nezingoma ezindala okukhona kuzo ethi Mphefumlo Wam, Ongqongqozayo, Mama nethi Ithemba Lami Likuwe ayicula neJaziel Brothers.
Uthe konke okuzotholakala uma i-albhamu isidayisile kuzodluliselwa ezinganeni zakhe uSibonelo (18) noCandy (11) nomndeni kaLundi.