UMREPHA uCassper Nyovest uthi ujabule ngokuba yingxenye yekhonsathini iGlobal Citizen Festival, eFNB Stadium, ngoDisemba 2 ezobe iqukethe izihlabani zomculo nezokungcebeleka ezihlinishwa umhlaba wonke.
UCassper uzobe enandisa ekhonsathini ezobe inoBeyoncé nomyeni wakhe uJay-Z, D’banj, Ed Sheeran, Eddie Vedder, Femi Kuti, Pharrell Williams & Chris Martin, Sho Madjozi, Tiwa Savage, Usher noWizkid.
Kuzongenwa mahhala ekhonsathini.
Umdidiyeli wezinhlelo oyimpunyela, u-Oprah Winfrey uzokwethula inkulumo yokukhumbula owayengumengameli kuleli uNelson Mandela.
Abaphathi bohlelo nguNaomi Campbell, Sir Bob Geldof, Gayle King, Bonang Matheba, Tyler Perry noForest Whitaker. Ikhonsathi ngeyokugubha iminyaka engu-100 ebizohlanganiswa nguMandela ukube usadla anhlamvana.
“Ngijabule kakhulu ukuba yingxenye yale khonsathi kodwa okubalulekile wukuthi izosiza ukuqeda indlala emhlabeni. Wumkhankaso omuhle. Ukuba kwami kuyo kuzosiza uqhubeke nomyalezo wokubuyisa ithemba kubantu emalokishini bangaphelelwa ithemba. Angicabangi kakhulu ngami,” kusho uCassper.
Likhulu isasasa ngale khonsathi. Abantu baphawula ngayo ezinkundleni zokuxhumana. Babonga injinga uPatrice Motsepe njengoba inhlangano yayo iMotsepe Foundation ingabaxhasi abakhulu.
IGlobal Citizen ishumayela ukuthi kuphele indlala emhlabeni, okuwumyalezo owashiywa nguMandela esaphila. Kuthiwa amathikithi ngeke adayise kodwa abantu bazowahlomula ngokulandela imiyalelo abazothunyelelwa yona ethinta imikhankaso yokugqugquzela ukuqeda kwendlala.
Ukwenza lokho kumele ubhalise ku-www.globalcitizen.org.za bese uthola amaphuzu ngokulandela izinhlelo nemikhankaso yeGlobal Citizen. Abazothola amathithi bazonikezwa kusukela ngo-Agasti 21.