SEKUFIKE leso sikhathi esisilindela ngabomvu unyaka wonke. Izingane zivalile esikoleni, amasoka ethu athola amabhonasi, abantu esingabazi basimema emicimbini, isikhathi sokujabula kuwo wonke umuntu.
Nazi izeluleko zokuqinisekisa ukuthi uyanethezeka ngalesi sikathi:
- Uma uyovakasha emzini yabantu phatha phela noma uplastiki owodwa. Ngo R100 ungathola u2kg wenkukhu, isinkwa, ubisi, kanye nensipho yokugeza. Ungahambi usuhletshwa.
- Qinisekisa ukuthi uzibandakanya nabantu abangabuphuzi utshwala ukuze ungashayeli udakiwe. Uma lokhu kungenzeki, phuzela ekhaya, noma uphathe isixubho nethawula ukuze ulale la uzophuzela khona.
- Hloma ngamakhondomu esikhwameni ukuze uzivikele uma uya ocansini esikhathini esibucayi sa “noma yini”.
- Phuza utshwala babanye abantu futhi unganqabi uma umenywa emicimbini ngoba uma uziphuzela eyakho imali, ungase ungabi nayo eyokugibela/eyaphethroli uma sekuphindelwa emsebenzini ngoJanuwari. Ucele kodwa ngaphambi kokuthela.
- Thenga umfaniswano kanye nezincwadi zesikole ngosuku lokuvalwa kwezikole ukuze ungakhathazeki uma sekuvulwa.
- Ungaqomi.
- Vala ucingo uma sebuthintekile ngoba kungenzeka uzithole usushayela umuntu wakho wango-2006 ucingo, umtshela ukuthi uyamkhumbula.
- Khipha imali yesondlo noma ngabe uzithengile izingubo zakhisimusi.
- Pakisha umthwalo wezimpahla ohlala emotweni ngoba indlela iqhamuka manje, ungazithola ususeMgungundlovu kade uphume uyothenga isinkwa.
- Zivocavoce umzimba kabili ngosuku ulungiselele ukushaya ivosho noma ukuzibhuqa othulini (Idibala).
- Shayela ngokukhulu ukucophelela.
- Ungalali, uzophuthelwa. Angazi nami ukuthi uzophuthwa yini kodwa hlukana nombhede.
- Thungisa ingubo/umbhlaselo. Akumicimbi kuyafiwa.
- Pheka emini ngoba lungena noma inini ucingo lokuthi uzolandwa, noma kukhona okumele uyobalanda.
- Funda lezi zingoma ukuze ungasali uma ziculwa: Manqonqo - Eyadini, Prince Kaybee - Banomoya, King Monada - Malwedhe, Vusi Nova - Asphelelanga, AKA - Fela in Versace.